UMCULI we-Afro Folk, uHloniphaniArt, uthe umcimbi wakhe osubuya ihlandla lesibili nonyaka, i-Le Eyabantu One Man Show, ozoba seBat Cantre, eThekwini, ngoMgqibelo, ngo-1 ntambama, uhlanganise amaciko eminxa yobuciko ehlukene ukuze ajabulise wonke umuntu.
UHloniphaniArt waseCato Ridge, oqale ukwenza lo mcimbi waminyaka yonke nyakenye, nowaba nesasasa elikhulu kugcwele phama endaweni efanayo, uthe kowalo nyaka kuzonandisa nomculi uZawadi Yamungu, iqembu lezinkondlo Abaqeqebuli nomrepha uYoung Cannibal.
“Lokho ngikwenze ngoba ngifuna ukuqinisekisa ukuthi abantu bahamba bejabule, nokuthi wehluke kancane kowanyakenye, ngokuthi kowalo nyaka ngenze wonke umthandi wobuciko azizwe emelelekile.
“Ngaphandle kwalokho, izoba khona i-bhendi engangisebenze nayo nyakenye, kanti kuzophinde kube khona abadansayo abazovula umcimbi nomlingisi uGugu Mzobe naye ozobe eyingxenye yomcimbi uma konke kuhambe ngokohlelo,” kuchaza uHloniphaniArt.
Eqhuba, uveze nokuthi nonyaka izingane ezineminyaka ewu-13 nangaphansi zizongena mahhala ukuqinisekisa ukuthi akuvaleleki muntu ngaphandle ukuzobona into yamehlo athembise ukuthi izokwenzeka.
“Umcimbi uzoqoshwa bukhoma. Ngizophinde ngicule okokuqala ingoma eyibika le-movie ezophuma maduze,” kusho uHloniphaniArt owaziwa ngokushaya isiginci nokucula.
Amathikithi omcimbi azotholakala emnyango ngosuku lomcimbi ngoR150 umuntu emunye.