NGIYAZI ukuthi singabesifazane sikhona isikhathi esifikayo empilweni la sithatha khona isifungo sokuthi ngeke sisaphinde sizihlanganise nezothando, okungasho nokuthi ucansi yinto esesingeke sisahlangana nayo. Lokhu kungenziwa yizizathu eziningi okungaba khona kuzo ukuphoxeka izikhathi eziningi othandweni.
Kodwa ngebhadi ke engathi ongoti bathi akukuhle ukuziqhelelanisa nocansi isikhathi eside kwabesifazane. Lokhu bathi kungadala ukuthi imizwa yakho idikibale. Phela umzimba womuntu wesifazane unjalo nje, uma uke wanganyakaziseka ngocansi, uyazidikibalela. Yingakho uke uzwe abesifazane asebenesikhathi eside bengathokozi ocansini besho nokusho ukuthi bona akusathi ndiki. Yingoba imizimba yabo isuke isizidikibalele ngoba kungekho mnyakazo wocansi.
Yingakho ke mina ngithi kwabesifazane abasuke bengasafuni ukuba namasoka, bangaluyeki ucansi. Angisho ukuthi abahambe bebamba noma yini enenduku, kodwa ucansi luyizindlela eziningi ongaluthola ngayo futhi umzimba uthokoze ngendlela efanayo obungathokoza ngayo ngisho ngabo kukhona indoda ephefumulele esifubeni sakho wajabula.
Kubalulekile ukuthi inkomo yakho njengomuntu wesifazane ihlale ihlale ibe manzi noma iswakamiswe yimizwa yocansi. Noma nje kuke kujuze loluya ketshezi olubonakala uma ukade uzitika ngocansi. Nokujwayela ukuzidlalisa ngomunwe wakho nje kuyasiza ukukhumbuza inkomo yakho ukuthi konje ucansi lunjani, ukuze ijabule.
Akulona ihlaya ukuthi owesifazane ongakitazwa ngokocansi noma ongalutholi nhlobo, uba nolaka olusabisayo. Angithi phela ucansi noma injabulo eza nemizwa yokufinyelela kuvuthondaba, ihambisana nokukhiqizeka kwamanye amahomoni akwazi ukukugcina umamatheka, ungadinwa nayimpukane edlule eduze kwekhala lakho. Abanye indlala ize ibenze badinwe nawukubona abantu beziwotawotelana nje, adinwe umuntu engathi uhlatshwe ameva.
Nangaphandle nje kwakho konke, nabezempilo bayakusho ukuthi ngesikhathi kungena induku yowesilisa enkomeni yowesifazane, kukhona okuhle okwenzekayo ikakhulukazi uma isimanziswa ukufinyelela kuvuthondaba. Kanjalo nokuzidlalisa ngomunwe uze uchame kuyingxenye yokujimisa amamasela enkomo ukuze ahlale eqinile. Obunye ubungozi bokuthi inkomo ingajwayeli ukuncibilika, wukuthi ngamzukwane waluthola ucansi, kungenzeka ukuthi wophe ngenxa yokuthi inkomo yakho iyobe ingasafuni ukuncibilika, isiqinile noketshezi okumele luyithambise luvele lugoloze.
Sengivala, engikushoyo zintokazi ukuthi uma uduba umjolo, asikho isidingo sokuduba nocansi. Kumele siqonde ukuthi awulutholi endodeni kuphela. Zisize wena nijabule nenkomo yakho. Ungasabi futhi nokuvakashela ezitolo ezidayisa amathoyizi ocansi. Aweve emaningi futhi akhiwe ngezindlela eziningi ngendlela yokuthi ngeke ungalitholi elihambisana nawe. Ngisho ngabe ufuna induku, likhona ozolithola libe yile nduku oyithandayo, noma ngabe uthanda encane noma uchazwa enkulukazi.
Elawini likaMaGumede sikhuthaza ukuzithokozisa ngocansi ngendlela ephephile. Sikhuthaza nocansi olungenabo ubudedengu, abantu baqhubeke njalo nokusebenzisa amakhondomu ngoba izifo ezithelelana ngokocansi zisekhona. Negciwane lengculazi futhi akukaze kuthiwe alisekho, likhona!
Ungakwazi ukusilandela KwiYouTube ngokuthi ungene khona usibheke ebese uya-subscriber.