INHLANGANO elwela abampofu i-Institute for Economic Justice (IEJ) ibambisene ne#PaytheGrants ifuna kushintshwe imithetho ekhiphela ngaphandle abawu-8 million ukuba bathole uR370 wesibonelelo sabangasebenzi.
Lezi zinhlangano ziye enkantolo zikhala ngokuthi iSouth African Social Security Agency (Sassa) noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi bacindezela abantu ngemithetho eshaywa ngesibonelelo sabangasebenzi.
U-Adv Jason Brickhill omele i-IEJ ejutshwa yi-Socio Economic Rights Institute (Seri), uthe izigidi zabantu bakuleli ezingasebenzi zichithwa wuhlelo olusha lokuqinisekisa imininingwane oluvele luthi banemali kuma-akhawunti abo.
Ubalule ukuthi abahola isibonelelo sikahulumeni akufanele babe nemali engaphezu kuka-R624 kwi-akhawunti yabo.
“Okusixakayo kubantu abawu-8 million abaveze ukuthi bachithiwe kwisibonelelo sabangasebenzi wukuthi abasebenzi. Abanayo imali kodwa bachithwa ngenxa yokuthi bafakelwa yimindeni imali engaphezu kuka-R624 noma abanye bahola isibonelelo sezingane. Abanye bachithwa wukuthi babebhaliswe ohlelweni lwe-Unemployment Insurance Fund (UIF) yize bengasasebenzi,” kusho uBrickhill.
U-Adv Gilbert Marcus obemele uhulumeni, uthe kubalulekile ukuthi basebenzise izinhlelo ezikhona zokuqinisekisa ukuthi imali iya kubantu abafanele.
Uvumile ukuthi izinhlelo zeSassa ziyadinga ukubukisiswa kahle kodwa-ke wathi akuyona inhloso kahulumeni ukukhiphela ngaphandle abathize.
Uthe isibonelelo sabangasebenzi siqale siwu-R350 sanyuka saba wuR370 kanti ngaphambi kokudedela imali iSassa iye ibheke ukuthi ofake isicelo akasebenzi ngempela yini okubalwa ukumbheka emabhukwini e-UIF, National Student Financial Aid Scheme (Nsfas) nokuhlola i-akhawunti yakhe yasebhange.
Ubuye wakhumbuza i-IEJ ukuthi isibonelelo sabangasebenzi asilona ilungelo labantu kodwa wuhlelo lukahulumeni alwenzele ukulekelela abangasebenzi.