UZOBATHATHELA izinyathelo uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal abashayeli bama-ambulensi ababili, ababanjwe benza okuphambene nomthetho esifundeni saseThekwini ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
Esigamekweni sokuqala uMphathiswa wezeMpilo, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi, uthe babikelwe nge-ambulensi ebipake ngaphande kwendawo yokucima ukoma amahora amaningi.
Uthe esigamekweni sesibili, babikelwe nge-ambulensi yasesifundeni uGu, ebonakale isuka eThekwini ithwele izimpahla izokwakha.
“Lokhu akuvumelekile nakancane. Akudwebi nje kuphela isithombe sokungaziphathi kahle kwezisebenzi zethu ezithenjwe ngalezi zimoto, kodwa kubuye kuveze ukuxhashazwa kwezinsizakusebenza ezivele zincane,” kusho uNkk Simelane-Mngadi.
Uthe ama-ambulensi awokuhlenga impilo futhi asize labo abasosizini, akuwona awokuxhashazwa.
“Sifuna ukuwuqinsekisa umphakathi ukuthi sizoziphenyisisa lezi zigameko, bese sibathathela izinyathelo ezifanele abathintekayo,” usho kanje.
Unxuse umphakathi ukuthi uqhubeke nokuba yizindlebe namehlo abo uma kunezisebenzi ezixhaphaza izinsizakusebenza.
“Sibagqugquzela ukuthi bangapholisi maseko, babike ngaso leso sikhathi ababona ngaso okungalungile. Baqinisekise ukuthi bathatha izinombolo zayo i-ambulensi kanjalo nemibhalo emzimbeni wayo (i-ambulensi) ukuze kube lula uma sekwenziwa uphenyo,” kusho uNkk Simelane-Mngadi.