BANGAPHEZULU kuka-40 million emhlabeni abantu besifazane okungenzeka babe nezinkinga zezempilo zesikhathi eside ngemva kokubeletha.
Lokhu kuvezwe ucwaningo lwakamuva olushicilelwe emqingweni wezempilo i-Lancet Global Health. Lolu cwaningo luveza impilo kamama nezimo zezempilo abhekana nazo ngemuva kokubeletha. Phakathi kwalezi zinto kubalwa ubuhlungu uma beya ocansini (dyspareunia), okwenzeka ku35% wabesifazane abasanda kubeletha, ubuhlungu esithweni sangasese obuhlasela u32%,, ukungaphumi komchamo okuhlasela u8-31%, ukukhathazeka okuhlasela u-9 -24%, ukucindezeleka okuhlasela u11-17%, ukwesaba ukubeletha ngesikhathi esizayo okuhlasela u6-15% okuhambisana nokuthi bathathe izinqumo zokuthi bangaphindi bathole ingane.
UDkt Pascale Allotey, owumqondisi wezempilo nomcwaningi wezinto ezithinta ucansi nenzalo enhlanganweni yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), uthe: “ Izimo zezempilo eziningi ezenzeka ngemva kokubeletha zidala izinkinga empilweni yansuku zonke kwabanye abantu besifazane. Abantu besifazane kumele impilo yabo yonke bakwazi ukuthola izikhungo zezempilo ezibhekele izidingo zabo. Lokhu akumele kugcine ngesikhathi bekhulelwe kodwa nangemuva kokubeletha kumele zihlale zikhona izikhungo nemithi yokubelapha ngokuphelele ngoba kuyenzeka babe nezinkinga ezizobenza ukuthi badinge lezo zikhungo impilo yabo yonke." kusho uDkt Allotey.
Uthe yize kwaziwa ukuthi zikhona izinkinga zezempilo ezibhekana nabantu besifazane ezidinga ukuthi kube nezikhungo noma uphiko olubhekele bona ngemuva kokubeletha, kuncane osekwenziwe yize sekuphele iminyaka engu-12 kwenziwa ucwaningo lokuqala olwaveza imiphumela ecishe ifane nalena.
Uthe ababhali balolu cwaningo bathi abatholanga nowodwa umhlahlandlela owenziwe ngamazwe, mayelana nokwelashwa okuyimpumelelo kwezifo noma izimo ezingu-32, ezazivezwe ucwaningo ukuthi zikhathaza abesifazane ngemuva kokubeletha, emazweni anomnotho ophakathi nendawo nantulayo.
UDkt Paulo Souza wesikhungo iLatin American and Caribbean Centre on Health Sciences Information (BIREME), iWHO kanye nomunye wababhali bephepha lokuqala lalolu cwaningo, uthe: “Impilo kamama akuyona nje into okufanele siqale ukukhathazeka ngayo uma kuvela esekhulelwe. Ziningi izinto ezinomthelela ekutheni owesifazane akhulelwe ngendlela enempilo,. Kusukela kwezomnotho, ipolitiki nezinye izinto ezithinta impilo yakhe neyalapho ehlala khona, kuze kufinyelele ekutheni uyakuthola yini ukudla okunomsoco, ukuthi impilo yakhe uyihlele kanjani. Lezi zinto zidinga ukuthi kubhekwane nazo ukuze kuthuthukiswe impilo yakhe, kubuye kunakekelwe iempilo yakhe,”
Uthe kudingeka uchungechunge lwamasu nezinhlelo zezempilo eziqinile, ezineminxa eminingi engahlinzeki nje kuphela ngezindlela zokubasiza zeqophelo eliphezulu, okuzobasiza uma sebebeletha okuhloniphekile kodwa futhi kumele zinqande ukugula kwabesifazane namantombazane ngemuva kokubeletha.