ANGAZITHOLA ekhishwa ePhalamende umholi we-MK, uDkt John Hlophe, uma kungaphumelela isiphakamiso senhlangano i-Council for the Advancement of the South African Constitution (Casac).
I-Casac ithe izokwenza isiphakamiso sokuthi iPhalamende lishaye umthetho ovimba labo asebeke bakhishwa ezikhundleni ukuba babe ngamalungu ePhalamende.
Kumalungu ePhalamende ake akhishwa ezikhundleni kukhona umholi we-MK, uHlophe, owaxoshwa kwesokuba umengameli wamajaji esifundazweni iWestern Cape.
Udaba lukaHlophe ePhalamende lususe umsindo ngesikhathi eqokelwa ekomitini eliphakamisa amagama abazokuba amajaji, i-Judicial Service Commission (JSC).
Izinhlangano okukhona kuzo i-DA zikuphonsela inselelo ukuqokelwa kukaHlophe ekomitini.
Inkantolo yagcina ikhipha isivimbelo esinqanda uHlophe ukuba ahambele imihlangano ye-JSC kuze kuba kuphuma isinqumo esicelweni sokuthi akhishwe kuleli komiti.
Isikhulu esiphezulu kwi-Casac, uMnuz Lawson Naidoo, sithe bafuna ukuthi umthetho ungabavumeli abakhishwe ezikhundleni ukuba babe amalungu ePhalamende.
“UMthethosisekelo awuvumeli umengameli okhishwe esikhundleni ukuba aphinde aphathe esinye isikhundla. Ngebhadi-ke awukho umthetho ovimba abakhishwa ezikhundleni zokuba amajaji ukuba baphathe ezinye izikhundla. Lena yinto okufanele ilungiswe.”
Omunye ongathelwa amachaphazelo u-Advocate Busisiwe Mkhwebane osanda kujoyina i-MK ehlubuka kwi-EFF abeyimele ePhalamende. U-Adv Mkhwebane wachithwa ekubeni wuMvikeli woMphakathi.