UMENGAMELI wase-United States of America (USA), uDonald Trump kanye nephini lakhe lababhali nabaGcini Mabhuku, bakhiphe isinqumo sokuthumela imigulukudu yezinswelaboya eyingozi kakhulu ezweni lwayo ephinde ibe amalungu e-Gang. Le migulukudu ithunyelwe ejele i-El Salvador.
Iqembu lezigebungu eziwu-17 elisolwa namalungu ezigebengu adabuka eVenuzuela lindizisiwe ngenqolamoya ebusuku ngeSonto, unguNobhala-Jikelele wase-USA, uMnuz Marco Rubio uphawule kanje: "Lezi yizigebengu ezinodlame eziphuma kwinhlangano iTren de Aragua neMS-13, kubalwa ababulali nabadlwenguli."
URubio akazange anikeze amagama abantu abasusiwe ezweni. Akashongo nokuthi balahlwe amacala obugebengu e-U.S.
UMengameli wase-El Salvador, uNayib Bukele, enkundleni yokuxhumana eyaziwa ngelika X, ufake i-video evezayo indiza ifika ezweni lakhe ngeSonto.
Last night, in a joint military operation with our allies from the United States, we transferred 17 extremely dangerous criminals linked to Tren de Aragua and MS-13.
All individuals are confirmed murderers and high-profile offenders, including six child rapists.
This operation… pic.twitter.com/Tk1Xq7vnuB
NKOSIKHONA CELEZINGU-35 000 izigebengu ezikhalelwe ngamaSongo kaSigonyela ngamacala abucayi kusukela ngo-Ephreli wangonyaka owedlule kuze kube yimanje. Lokhu kudalulwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. Ubebize isithangami sabezindaba izolo eThekwini, ekweneka kabanzi ngesimo samacala ehlukene nangezokuphepha esifundazweni.
ABENGADEDELI lutho oludlula emgwaqeni izolo endaweni yaseMaoti, eNanda, amaphoyisa ngemuva kombhikisho obe ngoMsombuluko nala kugcine kudubuleke khona amalungu omphakathi amathathu edutshulwa izigebengu okuthiwa ziwuhlalise kabi umphakathi.
Wonke amacala awele kumsolwa okunguyena yedwa owaboshwa kubhuntsha uhlelo lokugebenga imoto yemali eLaudium, eTshwane ngenyanga edlule.
Ube esekhuluma ethi: “Bonke laba abalana kuqinisekisiwe ukuba bangababulali abanye badume kabi kwezobugebengu, bese kuba khona abayisithupha okungabadlwenguli bezingane”.
Levidiyo iveza lelidlanzana lisuswa kwiqolamoya lifakwa emabhasini. Bathathwa bayiswa kwelinye lama jele elinokwezokuphepha okuphezulu kakhulu, emakhanda bebephucile base bavalelwa .
Isikhathi sesibili lesi uTrump nephini lakhe beletha abasolwa bezigebengu e-El Salvador. Ekuqaleni kwale nyanga, abangaphezu kwa-240 balethwa kulo leli jele elinesandla esiqinile.
Ukuxoshwa nokudingiswa kwalaba kubhekane nobunzima ngenxa yokuba konke lokhu kwenzeke ngaphansi komthetho obizwa nge- Alien Enemies Act.
Isifunda sejaji laseMelika uJames E. Boasberg ugweme ukuxoshwa ngaphansi komthetho waphinde wabandakanya iphini lika Trump ngokungalaleli isiqumo sakhe. Esontweni elidlule iphini like Mongameli uTrump licele iNkantolo enkulu ukuba ithathe lelicala.
Abezindaba zase Melika babuze iphini lika mongameli ukuba iliphi igunya nendlela esetshenziswayo ukuba leziziboshwa zisuswe ezweni. Umnyango Wezokuvikela eMelika uhlulekile ukuchaza.
Umnyango wezokuvikela uqede umsebenzi ophumelelayo wobushokobezi kule mpelasonto, ngokubambisana ne El Salvador.
“Sincoma izenzo zezimpi zethu abasebenzi balimaze izinhlangano zabashokobezi zakwamaphekula ngaphansi kobuholi bukamongameli uTrump”, isitatimende esivela eMnyangweni wezokuvikela, umphathi oyinhloko kwezokuvikela uJoe Kapser.
Ngempelasonto edlule ngoLwesithathu, 23 ku-Mashi, unobhala Wezokuphepha Kwasekhaya wase-US, uKristi Noem, uvakashele leli jele elise El Salvador waqopha ividiyo ekhuluma, ngemuva kwakhe kubonakala iziboshwa.
Kwividiyo ukhulume kanje "Uma uza ezweni lethu ngokungemuthetho, lesi isona siphetho ozobhekana naso, okokuqala ungezi ezweni lethu ngoba uzosuswa uphinde ushushiswe lesi isikhungo singesinye yamathuluzi esizowasebenzisa uma wenza ubugebengu kubantu baseMelika".
Isolezwe