INKIYANKIYA yesimanga esehlela intokazi yaseLimpopo, ibona umcimbi usuqalile ekameleni ukuthi awuholwa yisoka layo kodwa uholwa ngumngani wesoka.
Lokhu kuvele enkantolo ngesikhathi kuqulwa icala lokudlwengula lowesilisa oneminyaka engu-21 ubudala uPfarelo Nemutandani.
Kuthiwa ngoJuni 22, 2022, ngo-1 ezintatha, umgilwa wayevakashele isoka lakhe eHa Mutsha Khwekhwe. Kuthiwa isoka lakhe laphuma isikhashana endlini kodwa yezwa kungena umuntu embhedeni eselele.
“Umgilwa wayecabanga ukuthi yisoka lakhe kodwa wabona sebephakathi nomcimbi wocansi ukuthi akulona isoka lakhe leli kodwa ngomunye umuntu. Wamemeza weqa embhedeni, wabona ukuthi ngumngani wesoka lo obezitika ngaye,” kusho uColonel Malesela Ledwaba okhulumela amaphoyisa eLimpopo.
Le ntokazi yavula icala lokudlwengulwa emaphoyiseni waboshwa umngani wesoka.
INkantolo yesiFunda eLouis Trichardt igixabeze uNemutandani udilikajele ngaleli cala.