IZELAMANI zenkosi yekwaito u-Arthur Mafokate, noQueen Sisoko wodumo kwi-Abashante, zithole ingqayizivele yethuba lokunandisa kwi-After Party yamaSouth African Music Awards namhlanje ebusuku eGhallager Convention Centre, eMidrand, eGauteng.
U-Owami Mafokate (23) nomnewabo u-Arthur Junior (30) kodwa emculweni odume ngelika-AJ, bazoshiyelana inkundla nengwazi uDJ Oskido, owayeyinkukhu nempaka noyise ngeminyaka yo-1990.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngabagqugquzeli bomqhudelwano wezindondo oqeda iminyaka ewu-30 wasungulwa.
IBrothers of Peace, okuyiqembu lekwaito elalakhiwe ngu-Oskido noBruce Sebitlo, yayingabhekani no-Arthur kangangoba babeze bangcofane ngezingoma.
IBrothers of Peace yayigadla ku-Arthur ngengoma eyayithi King of Kwaito Uyagawula ngoba yayimsola ngokweba izingoma zabanye abaculi.
U-Owami no-AJ abasewona amavukane kulo mkhakha ngoba sebebuya ekunandiseni emcimbini wokugcotshwa kukaMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa.
Banomucu osihloko sithi LaFamilia, kanti bazakhela udumo ngokubamba iqhaza ohlelweni lwethelevishini olungempilo yangempela yezingane ezizalwa ngosaziwayo, iBorn Into Fame.
Kulolo hlelo izelamani zivela noShamiso Mosaka, Tank The Rockstar, Phila Madlingozi, noRobbie Malinga Junior.
Emcimbini wokumenyezelwa kwabaqokwe kumaSama kusukela ngo-8 ebusuku, kuzonandisa uKB, Skwatta Kamp, Bucy Radebe, Liquideep, Thebe, Matthew Mole, Mthandeni SK, Lwah Ndlunkulu, Zee Nxumalo, Priddy Ugly, Joe Nina, Ringo Madlingozi, CiCi, Ihhashi Elimhlophe nabanye.