BAPHITHANE amakhanda ngesikhathi owesilisa waseLindelani, eThekwini, egqoma unina nomalume wakhe ngepiki entathakusa ngoLwesine, okuphethe ngokuthi abulawe umphakathi.
Kulesi sigameko kushone uNkk Tholakele Khanyile nomfowabo uMnuz Bhekuyise Zondi (77) bebulawa uMnuz Lindani Khanyile (43).
Esinye isihlobo esiphiselwe ngepiki engalweni kuthiwa sisesibhedlela. Isolezwe libuye lakhonjiswa esinye isihlobo esikhulelwe, ebesihuzuke emadolweni. Kuthiwa silimale ngesikhathi seqa uthango lwakubo kanti sizovele siwe.
Silandisa ngesigameko isihlobo, uMnuz Jabulani Zondi, okufe uyise kulesi sehlo, sithe bekungabo-4.30 ekuseni bevuswa umsindo wokukhala kukaNkk Khanyile.
Uthe bavuke bonke kubo okungumuzi obhekene nokababekazi wakhe.
“ULindani obebhongisa okwesilwane esingasazi, uvele waliphisela kubaba ipiki obaleke wayowela esangweni ekhaya. Ubeza ngqo kuwo wonke umuntu obezama ukusondela kuye,” kusho uZondi.
Uthe ngesikhathi umsolwa esalibele ukugijimisa ezinye izihlobo ebezithi ziyosiza unina, basale babona ukuthi unina akasanyakazi.
“Nakuba besibona ukuthi balinyazwe kabi futhi akuthembisi ngempilo yabo, siqhubekile ngokwenza izaba, sayofuna imoto ezobayisa esibhedlela,” kusho uZondi, othe kubuye kwabonakala ukuthi ngeke bayiswe esibhedlela ngoba sebephangalele.
Uthe ngesikhathi bedidizela ngomshophi obusuvele, bathole ukuthi umphakathi, nawo ovuswe umsindo ngenxa yobekwenzeka, uvele wambamba, wamtitinya waze wafa umsolwa emgwaqweni oseduze.
Usizi belubhalwe ebusweni ngesikhathi echaza amanxeba awabonile kwabaphangalele.
“Ubaba ubenodume lwengozi okhakhayini. Enye ibisenhlafunweni. Ubabekazi nakuye bezisekhanda nasebusweni ezakhe izingozi ezivulekile,” kusho uZondi.
Uthe endlini lapho okubulawelwe khona ubabekazi wakhe igazi beligcwele yonke indawo.
“Beligijima ngisho nangaphansi kumata, elinye lisaphazeke ezindongeni,” kuchaza uZondi, othe ubabekazi wakhe uphelele ngaphakathi ekamelweni lakhe eduze komnyango.
Uthe namanje abazi ukuthi ubengenwe yini umzala wakhe ngoba ubemthanda unina nomndeni wonke, ngisho nomalume ambulele.
Uthe badidwa nawukuthi ubengesiye umuntu wodlame nezidakamizwa.
Uthe kwenzeka lo mshophi nje, umzala ubefike ngoLwesibili, ezobheka yena unina njengenjwayelo njengoba ezihlalela emqashweni eMlaza.
“Ubezohamba ngoMgqibelo, eseyongena ePhoyinti (South Beach) lapho asebenza khona njengonogada,” usho kanje.
Uchaze kafishane ukuthi uNkk Khanyile ubulawa nje bese ewumuntu osezihlalela emakhaya.
Uthe ubenezinyanga ezintathu ebuyile eThekwini ezolungisa yona le ndlu abulawelwe kuyo eyayikhahlanyezwe yizikhukhula ngo-2022.
“Bebeyilungisa bobabili. Bezwana. Engekho obenenkinga nomunye. Ukuthi kwenzeke kanjani agcine esembulala, asazi,” kusho uZondi.
Uthe ipiki belisetshenziswa abakhi abebakha yona indlu.
Uthe bebelala kuyo njengoba bese kulaleka kuyo.