KUSHINTSHA ukwenza emqhudelwaneni weNgoma Ehlukanisa Unyaka kuKhozi FM ngo-2024, njengoba luza nokwehlukile.
Abaphathi boKhozi FM bamemezele izinguquko ezizokuba semncintiswaneni walo nyaka ohlelweni lukaTshatha noSelbyonce, i-Woza Nabangani Bakho.
Abaculi abangamasukamuva bazokholwa yizagila kulo nyaka njengoba ingeke ivumeleke ingoma ekhishwe sewudlululile u-Okthoba 31.
Ongumphathi ophikweni lwezokukhangisa kulo msakazi, uMnuz Lwazi Mthabela, uthe izingoma ezizokwamukelwa ukuba zidlane imilala kulo mncintiswano onesasasa ngezikhishwe phakathi kukaJanuwari 1 no-Okthoba 31 kulo nyaka kuphela.
Ubuye waveza ukuthi ingoma kufanele ivele kuma-list amathathu, hhayi kweyodwa kuphela.
Ngamanye amazwi, uMthabela uthe kunohlu lwezingoma ezizovotelwa ngabalaleli, olunye kube yizingoma ezizophakanyiswa ngabasebenzi basoKhozini, bese olunye kube yizingoma ezizotonyulwa emshinini woKhozi.
UMthabela ukugcizelele ukuthi akukhethwe ngoma kodwa kufanele kube esigunyaziwe ukudlalwa kulesi sikhondlakhondla somsakazo.
Umphathisiteshi, uNksz Sbongi Ngcobo, uthe lo mncintiswano weNgoma Ehlukanisa Unyaka wenziwa wuKhozi FM kuphela ngoba lo mkhankaso ubhaliswe ngokusemthethweni.
Uthe bake babakhona ebebesusa umsindo ngalo mncintiswano kodwa kwavele kwaphelela emoyeni. U-Owen Ndlovu uzame kaningi ukuphazamisa lo mqhudelwano ngoba ethi uwumqondo wakhe kodwa kwangalunga.
UNksz Ngcobo unxuse abalaleli ukuba bavotele ingoma ebibajabulisa unyaka wonke, hhayi umculi abamthandayo. Umphathi ukhuluma kanjena nje, kuke kwasuka umsindo ngokuwina kukaDJ Tira ngengoma eyayithi Summertime ehlula i-Via Orlando kaMahoota noDJ Vetkoek. Kwaba ukuwina kukaDJ Hlo ngeSibani noKhuzani ewina ngoMjolo Lowo nyakenye.
Uthe uhlelo lokuqinisekisa ukuthi konke kuhanjiswe ngendlela kwenziwa ngolunye uphiko olungaphakathi kwaSABC, hhayi oKhozini.
"Ingoma ayikhethwa oKhozini kodwa ikhethwa ngabalaleli futhi akuqinisekisi Ukhozi kodwa kwenziwa ngabanye."
UMthabela uthe kusukela namuhla ngoLwesihlanu, abalaleli sebengaqala baphakamise igama lomculi nengoma yakhe bese beyithumela ku-33665.
Uthe okwamanje kusaphakanyiswa izingoma bese ngomhlaka-1 Disemba kuqale ukuvotela izingoma ezilushumi, okuyizo ezizobe zibanga ukuhlukanisa unyaka.
Esephetha uMthabela unxuse abafuna imininingwane ethe thuthu ukuba bahlale belalela uKhozi noma bangene kwi-website noma ezinkundleni zokuxhumana zoKhozi FM.