UZOKWETHULWA ngokusemthethweni namhlanje umcimbi womjaho wamahhashi ohlanganisa omasipala besifundazwe saKwaZulu-Natal.
IDundee July egabe ngengqephu neyandulelwa umcimbi omkhulu womjaho wamahhashi waseThekwini iHollywoobets Durban July, izokwethulwa eBattlefields eDundee.
Lo mcimbi kulindeleke ukuthi uhanjelwe nguNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uDkt Ntuthuko Mahlaba.
Umsakazi woKhozi FM ophinde abengumculi uZeal Madladla Dladla, nguyena ozobe ephethe lo mcimbi. Uveze ukuthi ukuthakasele kakhulu ukuthola leli thuba.
UZeal uthe okumjabulisa kakhulu ngalo mcimbi, wukuthi uthuthukisa umnotho wabantu bendawo futhi ubanikeza nethuba lokuziveza kubantu bemikhakha efanele.
"Sikhule emakhaya, kuyajabulisa ukubona izinhlelo zokuthuthukisa umnotho zisondela kubantu. Lo mjaho ngiwuthanda ngoba iningi labantu abazuzayo wuhlanga lwabamnyama ikakhulu ojokhi.
“Nabantu abawuhambelayo abagcini ngokujabula kodwa bayahlinzekwa nangolwazi lokuzithuthukisa nami kukhona engikufundayo nengibonayo ukuthi ngizozuza ulwazi ngakho," kusho uZeal.
Usuku olukhulu lweDundee Julayi luzoba ngoJulayi 15 eNdumeni Horse Racing Track lapho amahhashi ezobe egabavula khona. Akuzogcina-nje ngamahhashi kuphela kodwa nabasiki bengqephu bazothola nethuba lokukhipha unyawo ngamakhono abo ahlukene kulo mkhakha.
Umviliyelo, umculo, umdanso, ingoma, abezithuthuthu namanye amaciko enza ezibukwayo ngosuku olwandulela lo mcimbi minyaka yonke, nokulindeleke ukuthi kube ngokufanayo nakulo nyaka.