UZOHLONISHWA ngedili lengoma nokuxoxwa komlando weNkosazana uNandi Mhlongo, ozala iSilo uShaka kaSenzangakhona. Ngokusho kukaNksz Nombuso Mhlongo, weNkosazane Nandi Mhlongo waseLangeni Foundation, konke kumi ngomumo ngomcimbi.
UNksz Mhlongo uthe umcimbi uzoqala ehholo lomphakathi eVuma, eShowe ngeSonto lika-Okthoba 9 ekuseni ngo-10 kanti kuzobe kungenwa mahhala.
Abahleli bomcimbi baveze ukuthi abazothamela bavumelekile ukuthi bavunule ngesintu. Umlando uthi uNandi wazalwa ngo-1760 wakhothama ngabo-1827 kanti wayeyindodakazi yenkosi uBhebhe, yaseLangeni. UNandi ugqamile emlandweni waKwaZulu, ngokuzala iSilo saKwaDukuza, esaba yiqhawe sabumba isizwe saMaZulu.
UNksz Mhlongo uthe kuhlelwe ukuthi kunandiswe ngomculo nangokusina bese kuxoxwa ngomlando nangokukhuliswa kwengane yomfana.
“Sibone kufanele sikhumbule inkosazane ngoba isikhathi esiningi uma kuneqhawe eliyindoda lisuke lidlule esandleni sowesifazane ligcine linganakwa iqhaza lakhe. Inkosazane uNandi yamkhulisa yodwa uShaka, yamqeqesha yafaka umlilo kuye, wagcina eyiqhawe wabumba isizwe,’’ kuchaza uNksz Mhlongo.
Uthe emuva kwalokho kuzovakashelwa idlinza likaNandi, ngenhloso yokumhlonipha.
Uthe uma kugqanyiswa iqhaza likaNandi kongiwe nomlando wakhe kuyosiza ekutheni kuzaleke abanye oShaka, abazoba ngamaqhawe esizwe.
Kukhunjulwa uNandi nje, kade kusanda kubanjwa uMkhosi WeLembe KwaDukuza, lapho bekukhunjulwa khona iSilo uShaka ngeqhaza laso ekubumbeni isizwe.
Khonamanjalo kukhona umdlalo okulindeleke ukuthi uqale ukubukelwa ngonyaka ozayo okhuluma ngomlando weLembe kanti indawo kanina uNandi idlalwa nguNomzamo Mbatha. Kunomdlalo weshashalazi ogxile empilweni yeNkosazane uNandi, iNandi The Musical, obhalwe ngu-Edmund Mhlongo.