UMLINGISI uBrenda Mhlongo, usenxuse ukuthi bakhulekelwe nabo njengamaciko njengoba ethi babhuqwabhuqwa yindlala esibaholela ekutheni baphephele otshwaleni nasezidakamizweni.
UBrenda ukusho lokhu ngesikhathi abahleli bomcimbi iMayine Crossover Gospel Extravaganza bebenomkhuleko esikhungweni semfundo iDurban University of Technology(DUT) muva nje. Leli dili lomculo lizoba se-Inkosi Albert Luthuli ICC ngoDisemba 31.
Kulo mkhuleko uBrenda ubengomunye wezikhulumi ebezizokhuthaza abafundi njengoba kusondela izinsuku zokubhala izivivinyo zokuphela konyaka.
Uthe njengoba bezokhulekela abafundi, nabo njengabaculi bayacela ukuthi bakhulekelwe.
“Sibi isimo bakwethu. Usathane uhlasele kakhulu kulo mkhakha esikuwo njengoba sifa wukhwantalala. Siyacela ukukhulekelwa nathi singamaciko, siyafa yingcindezi njengoba sibulawa yindlala. Imisebenzi ayikho. Uyazi kwakungcono ngesikhathi somvalelandlini ngoba kukhona esasikuthola singasebenzi. Kodwa manje konke kuvuliwe kodwa isimo sibi. Sidlelwa imizi nezimoto, izingane ziyakhishwa ezikoleni esizifake kuzo. Imali asinayo,” kusho yena.
Uthe izimo ezifana nalezi zize zibaphoqe ukuthi bazinikele otshwaleni.
“Kusuka manje kuze kuyoba usuku lwalo mcimbi, ningasikhohlwa la niyobe nihlangene khona. Kubuhlungu iningi lethu maciko elibhekene nakho. Ukuzinikela otshwaleni kulezi zimo esibhekene nazo kuba lula kakhulu kanjalo nokudla izidakamizwa akubi kude uma isimo sinjena. Lo mkhakha esikuwona awulula, kunzima. Ngikhuluma kanjena nje yingoba kunzima,” kuchaza yena.
UBrenda ukhuluma kanjena nje, umlingisi owazakhela igama emdlalweni Isibaya uGcina Mkhize, usanda kuphumela obala eveza isimo sakhe la ekhishwa khona emzini wakhe.
Unxuse ukuthi anikwe usizo lwanoma yini ukuze akwazi ukuqhubeka nokuhlala emzini wakhe nezingane njengoba ethe akazi ukuthi bazoya kuphi.