KUSOLWA ukuthi belingafuni ukwamukelwa ukwaliwa iphoyisa elisolwa ngokudubula unina wengane yalo endaweni yokudlela abesebenzela kuyona i-Authentiq, esemgwaqweni uFlorida, eThekwini, ngoMsombuluko ekuseni.
Lokho kushiwo wuyise kamufi uNksz Zamangwane Bija (26), uMnuz Thulani Khanyile waKwaNyuswa, othe usola ukuthi ubaba womzukulu wakhe, naye wasendaweni, uMnuz Nhlakanipho Mkhize, ugajwe yisikhwele sokungafuni ukwamukela ukuthi indodakazi yakhe isiqhubeke nempilo.
UMkhize obeyiphoyisa eHillcrest, naye ushonile kulesi sigameko okukholakala ukuthi ugasele lapho obekusebenzela khona uNksz Bija, wambizela emnyango wamdubula. Kwale ngisho ezama ukubaleka engena ngaphakathi emsebenzini, waqhubeka wamdubula, wafela khona lapho, kwalimala nabanye ababili.
Elandisa Isolezwe ngakholwa wukuthi kuholele kulesi sigameko, uKhanyile uthe ngasekuqaleni kwalo nyaka kuke kwaba nesehlo lapho uMkhize agijimisa khona uNksz Bija ngesibhamu endaweni, efuna ukumlimaza.
“Kwaze kwafika abomndeni wakhe ekhweni lami bezoshweleza ngesenzo sendodana yabo. Saqhubeka nempilo ngoba sizitshela ukuthi sekudlulile. Besingazi ukuthi kuzofika lana, futhi sengiyazisola ngokwamukela uxolo lwabo. Ukube sabika emaphoyiseni ngaleso sikhathi ngabe kungcono,” kusho yena.
Eqhuba, uthe bakholwa wukuthi uMkhize wehlulwe wukwamukela ukuthi indodakazi yakhe ibisiqhubeke nempilo njengoba ngokwazi kwakhe, laba bobabili abanengane yentombazane eneminyaka emine, bahlukana nyakenye.
“Sizwa kuthiwa uZama ubeke afake izithombe zakhe nesoka lakhe elisha ezinkundleni zokuxhumana, eveza ukuthi ujabule kangakanani empilweni yakhe. Kungenzeka ukuthi lokho ngenye yezinto eziholele ekutheni abulawe.
“Sibona manje ukuthi kwakumele siyisukumele kusanesikhathi lento, njengoba sazi ukuthi uze usebenza lapho afele khona nje, washiya kwenye indawo yokudlela ayesebenzela kuyona eHillcrest ngoba enzela ukuqhelelana naye. Nakhu manje esefika lapho abesesebenzela khona, wambulala,” kusho uKhanyile.
Uthe okunye okubaphatha kabi wukuthi bezwe kuthiwa amaphoyisa aqapha ngakule ndawo athe akaphumele emnyango ayokhuluma naye.
“Ngiyawasola ngokuba budedengu kulesi simo ngoba kuthiwa atsheliwe ukuthi lo muntu obesemnyango unodlame kodwa awanganaka njengoba kuze konakala kanje,” kukhala uMkhize.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseBerea aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
“Kubikwa ukuthi lo mlisa oyiphoyisa ebelingekho emsebenzini, uye lapho okusebenzela khona intombi yakhe, wayicelela emnyango wase eyidubula ngesibhamu somsebenzi, kwathi izama ukubaleka waqhubeka wayidubula amahlandla amaningi, yashona. Amaphoyisa kaMasipala abeqaphile kule ndawo adubule lo mlisa, waphuthunyiswa esibhedlela wafike washonela khona. Okwamanje imbangela yokubulala ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele e-AuthentiQ, bekuvaliwe kanti imizamo yokuthola ukuphawula komnikazi wale ndawo ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala umlibe lungabanjwa, wangawuphendula nomyalezo athunyelwe wona kuWhatsApp.
Abantu abakhulume neSolezwe abebekule ndawo baveze ukuthi izigameko zalolu hlobo ezilokhu zenzeka kule ndawo zizodala ukuthi abantu babe novalo lokuyihambela.
Nyakenye ngakuyo lendawo kwadutshulwa umrepha u-AKA nomngani wakhe uTibz bashona bephuma eThe Wish, eyagcina ivaliwe.