USHAYE ungqimphothwe esefike enkantolo, wakubonga ukufaka isicelo sebheyili okwamanje, umlisa osolwa ngokushumpula ikhanda likaninakhulu waligenda njengebhola lezinyawo ePinetown, eThekwini.
UMnuz Thabo Ntokozo Nzimande (31) ubekade evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
Uthweswe icala lokubulala uNkk Beatrice De Lange (80) ayekade ehlala naye ngoJuni nonyaka.
Ngesonto eledlule, uNzimande uvele enkantolo efanayo ngohlelo lwethelevishini yena esejele laseWestville.
Wabuza iMantshi uWendolyne Robinson ukuthi angakwazi yini ukufaka isicelo sebheyili?
Imantshi yamqinisekisa yathi uvumelekile. Yabe seyimtshela ukuthi uzolethwa enkantolo siqu sakhe izolo, khona kuzolalelwa isicelo sebheyili.
Kodwa izolo uNzimande ufike enkantolo egqoke ibhulukwe elimnyama nejakhethi egqize ngemibala obomvu nomnyama, efake ophaqa abaziwa ngokuthi obhamba namasokisi.
Akukho namunye umuntu wasemndenini wakhe ofikile enkantolo ukuzothamela icala lakhe.
UNzimande obekade ebukeka ezikhululekele, eklame kahle izinwele zakhe, akayichithelanga isikhathi inkantolo izolo.
Utshele imantshi ngomlomo wommeli wakhe wamahhala (weLegal Aid) wathi uyasibonga isicelo sebheyili okwamanje.
Usho kanje uNzimande, uMbuso ubukade usushilo wathi uzosiphikisa isicelo sebheyili.
Imantshi ibe isihlehlisa icala, yatshela uNzimande ukuthi useyoze abuye enkantolo ngo-Okthoba 30, nonyaka.
Iqhube yathi sezithathiwe izitatimende zofakazi, yahlanganiswa i-albhamu yezithombe ezathathwa endaweni yesigameko, manje sekulindwe imiphumela yolibufuzo engakabuyi lapho ihlolwa khona.
UNzimande wathi akasikhumbuli nhlobo isigameko. Waze waya kohlolwa ingqondo eFort Napier, eMgungundlovu, imiphumela yodokotela yathi uphile saka, uzokwazi ukubhekana necala.
Ishaqe abantu abaningi indlela enonya nesihluku okwabulawa ngayo umufi.
Isolezwe lahosha ngomthombo walo ukuthi uNzimande wanquma umufi ngommese, maqede waligendisa okwebhola lezinyawo ikhanda lakhe.
Kuthiwa amaphoyisa amfica egqoke izimpahla ezazigcwele igazi okusolakala ukuthi kwakungelikamufi isidumbu sakhe esasisegumbini lokulala.