UDUTSHULWE wafa owesilisa osolwa ngokubulala iphoyisa ngesikhathi etholana phezulu namaphoyisa ngenhlamvu.
Lo mlisa ubefunelwa icala lokubulala usigaxamabhande emaphoyiseni kamasipala ngoJulayi, ngesikhathi ezama ukunqanda ukudunwa kwemoto ku-M7 ePinetown.
Ngokwesitatimende samaPhoyisa kaMasipala eThekwini, amaPhoyisa kaMasipala weTheku ngaphansi kophiko lweSpecial Operations Directorate, alandele umkhondo walo msolwa aze afika esigcemeni sakwaQ, eMlaza, amlandela aze afika esigcemeni kwa-Q.
Kuthiwa umsolwa uvulele ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni. Iphoyisa elilodwa lidubuleke esifubeni kodwa ngenhlanhla lasindiswa yivesti lesivikelo. Kulimale nengane yentombazane eneminyaka eyishumi nanye ehuzulwe yinhlavu engalweni.
Umsolwa udutshulwe wafa, kwathi abalimele baphuthunyiswa esibhedlela.