UZOGXILA empilweni yesithembu umdlalo ozovala isikhala somdlalo iThe Queen, nozoqala ngoJanuwari, kwiMzansi Magic (161).
UZOGXILA empilweni yesithembu umdlalo ozovala isikhala somdlalo iThe Queen, nozoqala ngoJanuwari, kwiMzansi Magic (161).
Umdlalo othi Gqeberha The Empire, umenyezelwe neminye njengoba abakwaMultichoice bebememezela izinhlelo ezintsha zalo nyaka nonyaka ozayo, eGoli ngempelasonto.
Lo mdlalo ongakaqali ukuqoshwa kuvele ukuthi okuningi ngawo kuzovela uma usuqalile ukuqoshwa ngaphambi kokuthi bamemezele nabalingisi bawo.
Kuvele ukuthi ukhuluma ngowesilisa oyisicebi.
“Lo mdlalo uzogqamisa ukuthi abantu besilisa bafinyelela ekwenzeni izinto ezingakanani ukuze bathole abakufunayo futhi ukuzethemba kwabo kukuliphi izinga. Unomcebo omangazayo futhi amabhizinisi ayazizela kuye, ngakho impumelelo ibuzwa kuyena. Umndeni wakhe wonke muhle, imizi yakhe, izingane zakhe zinhle namakhosikazi akhe womathathu amthanda ngendlela engachazeki,” kuchaza uNomsa Philiso wakwaM-Net.
Umdlalo Umkhokha uzoshaya ibuya uzovala isikhala seDiepcity, ngo-Ephreli, nalapho kuvele khona ukuthi umbango webandla uzoqhubeka ushise phansi njengoba uMaMzobe okuyindawo edlalwa nguDeli Malinga ezokwenza konke ukuthi ibandla libuyele ngakuye.
Eminye imidlalo emibili emisha kwiMzansi Magic ngothi Komkhulu nothi Grown Woman.
Umdlalo othi Komkhulu uzokhuluma ngenkosi uMasoso okuhlelwa ukuthi abulawe ukuze ubukhosi buwele kwabanye njengoba unkosikazi wakhe uSayine engazitholi izingane.
USayine ucela udadewabo wenkosi uBongiwe okhulelwe ukuthi amnikeze ingane ukuze ubukhosi buthole isithunzi esifanele futhi inkosi ingabulawa.
Icebo labo liyasebenza kodwa ekuhambeni kweminyaka kuba nezingqinamba futhi nenkosi iyafa ngemuva kokubuza ngengane kudadewabo nakunkosikazi wayo. Kwethulwa le midlalo nje kuleli sonto iphelile imidlalo ebikhonjiswa ngeSonto nangoMsombuluko ngo-8 ebusuku.
Umdlalo Isifiso ophele izolo uzovalwa yisizini yesibili yomdlalo iGrootboom and Sons.
Maduzane kuzomenyezelwa umdlalo ozovala isikhala somdlalo Ehostela ophele ngeSonto.