IBUYE nezindondo ezintathu intokazi yase-Edenvale, eGauteng, ekuqaleni konyaka ethole indondo yeGrammy, ngengoma yayo ethi Water.
UTyla uhlabane ngezindondo ezintathu emcimbini amaMTV EMAs, nala ahlabane khona ngeye-Best R&B, Best African Act ne-Best Afrobeats.
Umcimbi walo nyaka ububanjelwe eCo-op Live edolobheni laseManchester, ezweni laseNgilandi.
Kulo mcimbi ubonge abalandeli bakhe abalokhu beqhubekile nokumeseka nethimba lakhe asebenza nalo athi lenza ezibukwayo kuyona yonke imisebenzi ababhekene nayo.
“Ngithanda ukubonga nomndeni wami. Namhlanje ngikhethe ukuhamba nodadewethu, naye onesandla ekutheni izinto zami zihambe kalula uma ngihambela imicimbi yezindondo efana nalena. Angikholwa ukuthi ubusuku banamhlanje buhambe ngalolu hlobo. Bengicabanga ukuthi indondo eyodwa engiyithole okokuqala isilungile kodwa ukuthola zonke izindondo zemikhakha ebengiqokwe kuyo kuyangithobisa. Ngiyabonga kakhulu kubalandeli bami engibabiza ngama ‘Tygers’ abangivotele,” kuchaza uTyla.
Uthe indondo abengayibhekile eye-Best Afrobeats, nathi kodwa lolu hlobo lomculo luvule iminyango emikhulu emculweni wase-Afrika nabawenzayo.
“Baningi abaculi abenze lolu hlobo lomculo, bathola ukuhlonishwa ngezindondo futhi nezingoma zabo zadlalwa emazweni amakhulu emhlabeni. Ngiyabonga kakhulu,” kuphetha yena.
UTyala kwenzeka lokhu nje, ubesanda kukhala amuke nezindondo ezimbili emcimbini amaBET Awards.