IBHEKWE ngamehlo abomvu i-albhamu yokuqala yamadodakazi kaMgqumeni ezophuma ngoNovemba 15.
Izintombi ZikaMgqumeni yiqembu elakhiwe wuKwenzekile "Ibhovakazi" Khumalo noKusaselihle "Izinyane Ledlamanzi" Dlamini.
Lezi zindaba zivezwe wuKwenzekile ekhasini lakhe likaFacebook.
Uthe abantu abalindele ikhava ye-albhamu noma yinini kusukela manje, okuyiyona ezochaza yonke imininingwane ngabacula phambili, abalekelela ngamaphimbo nabaculi abaqokiwe.
"Othanda ushuni waMalanda Amhlophe, Amatshitshi Amhlophe , uMgqumeni naMagcokama, uzokwenama impela ngoba cha kudidiyelwe impela."
Uthe bathathe isinqumo sokukhipha i-albhamu yabo ngale nyanga ngenxa yokuthi iyona nyanga obekuhlale kukhipha ngayo uyise.
"Indlela yokuhlonipha ubaba njengoba ngaphakathi ekhaveni ye-SMS kwakubhalwe ukuthi 'Ziyeza Izintombi ZikaMgqumeni nibe namaholidi anothando’."
UKwenzekile unxuse abalandeli bomculo kamaskandi babaxhase ezitolo futhi balindele iCover ne-promo.
Okwenza icwecwe lalezi zintokazi lilangazelelwe yizimanga ezizigile emucwini wazo obuthi Hamba Juba. UKwenzekile, odabuka eMsinga, uzalwa wuVimbephi Mcineka ongukanina kaMtshengiseni "Indidane" Gcwensa kanti uKusaselihle udabuka eNgoje, eVryheid lapho ekhuliswe khona wugogo wakoninalume.
UKwenzekile useke wacula naMatshitshi Amhlophe engomeni ethi Emuva nethi Ilanga Lami kanti uKusaselihle uqale ukucula ngo-2022 ngesikhathi likhipha umucu owawuthi Amancoko, ezibiza ngoMsuliwezinyembezi ngaphambi kokukhipha i-EP esihloko sithi Inkalakatha.
Ubuye waqopha ngokubambisana neNdodakazi Yendidane, ogama layo langempela uKhonuzogcina Gcwensa, bezibiza ngaBalamu Bami. Abaningi bambonile uKusaselihle emele abaculi besifazane bakamaskandi emqhudelwaneni weGcwalisa Spring Picnic All White nyakenye.
Lezi zintokazi zilandela ezinyathelweni zamadodana kaMgqumeni, okunguSimiselo neBhova Elincane, asebeke bakhipha ama-albhamu. UMgqumeni wadlula emhlabeni ngomhla ka-19 Disemba 2009.