UMNDENI unuka ingoduso okuthiwa isacanasa ngaphandle, ngokufa kwesoka elinguthisha. Isidumbu sesoka sitholwe sinenxeba lokugwazwa entanyeni sidindilize phezu kwegazi, emqashweni abebehlala kuwo KwaSwayimane, emasontweni adlule.
UMnuz Thandokuhle Ngcobo (31) waseBhamshela, ngaKwaMaphumulo, obefundisa esikoleni samabanga aphakeme KwaSwayimane, kuthiwa ugwazwe emva kwengxabano nengoduso yakhe okuthiwa ifundisa kwesinye sezikole esiseHowick. Kuthiwa bobabili bese benesikhathi eside bethandana futhi behlala ndawonye emqashweni.
Ilungu lomndeni kamufi elingathandanga ukudalulwa elikhulume neSolezwe, lithe kuyabakhathaza ukuthi umsolwa usazicanasela ngaphandle ekubeni kunezinkomba eziqinile zokuthi kukhona akwenza kumufi.
“Ngosuku lwesigameko sashayelwa ucingo (ingoduso), isitshela ukuthi bebexabana noThandokuhle, wazigwaza wafa. Okusididayo ukuthi inxeba lisentanyeni ngemuva okwenza kube nzima ukuqonda ukuthi uzigwaze kanjani. Amaphoyisa amthathile ngosuku okwenzeke ngalo lesi sehlo ayomhloma ngemibuzo kodwa abuye amdedela,” usho kanje.
Uthe umsolwa onengane eneminyaka emihlanu nomufi, uvuke ekuseni waqoqa izimpahla zakhe emqwashweni wahamba kanti bakholwa ukuthi wanikela kubo eRichard’s Bay.
Yize eveze ukuthi umndeni awunalo ulwazi ngengxabano yezithandani ekutheni kwakubangwani kodwa omunye wabasondelene nazo uthe yasuswa yisikhwele.
“Owesilisa ubesola ukuthi ingoduso yakhe kukhona esimbhangqe naye, osebenza nayo. Lokhu kuthiwa kuqale ngokuthi abhadame izithombe beshuthe bendawonye kwiselula. Umsindo ususwe ukuthi owesifazane alethwe osolwa ngokuba umakhwapheni emqashweni ahlala kuwo nesoka lakhe kanti likhona endlini,” usho kanje.
Lo mthombo uthe owesifazane ubephuzile ngalelo langa, kwakukade kunomcimbi wokuvala unyaka esikoleni afundisa kuso, okukholakala ukuthi ngesikhathi bexabana uthathe ummese wamgwaza.
“Okubuhlungu ukuthi nakuba ekuveza ukuthi umufi uzigwaze yena kodwa kwaze kwadingeka ukuthi kubizwe i-ambulensi, kulindwe yona ekubeni umtholampilo useduze kakhulu kangangoba khona ngaphakathi emqashweni kunabantu abanezimoto abebengalekelela kodwa umsolwa kuthiwa wayesexosha wonke umuntu. Abe-ambulensi beyingasekho into abangayenza ngoba bafike esevele eseshonile,” usho kanje.
Uqinisekise ukuthi umsolwa ufikile emngcwabeni kamufi ehambisana nodadewabo nengane yabo kodwa akuphelanga mizuzu mingaki ekhona, wabuye wanyamalala washiya afike nabo ekhala ngokungaphephi ngoba abantu bekholelwa ukuthi uyena obulele.
Kuthiwa owesilisa ubengaqali ukulimala uma bexabana ikakhulu uma bephuzile ngoba nangomunye unyaka kukhona lapho umsolwa amgqema khona ingozi ngepani maqede wamkhiyela endlini yokuhlamba wavulela umsakazo kakhulu waqhubeka nokuphuza utshwala. Lo mthombo uthe umgilwa kwamphoqa ukuthi aphume ngewindi okuyilapho kwabonakala khona ulimele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseWartburg, avule idokodo lophenyo ngokufa komuntu, emva kokufa kowesilisa oneminyaka ewu-31 okusolwa ukuthi uzibulale ngokuzigwaza.