LINGASHODELWA ugesi nophethroli elakuleli uma ingapheli ngokushesha imibhikisho ezweni elingumakhelwane, iMozambique.
UNgqongqoshe wezoBudlelwano naMazwe aNgaphandle, uMnuz Ronald Lamola, uthe elakuleli lilanda u-oyela okwenziwa ngawo uphethroli nokunye echwebeni laseMozambique.
ULamola uthe bakhathazekile ngokuthi uma iqhubeka imibhikisho eMozambique ingase ibeke engcupheni ukuthunyelwa kwale mpahla.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehlangene nabaholi baseMozambique.
Umhlangano wabo eMpumalanga.
IMozambique ibhekene nemibhikisho equbuke emva kokhetho lwango-Okthoba.
Imibhikisho iphazamise ukungena nokuphuma kwezimoto eMozambique.
ULamola uthe uma iqhubeka imibhikisho eMozambique, kuzophazamiseka ukungena nokuphuma kwemphahla ebalulekile kule lizwe.
Elakuleli kunenqwaba kagesi eliwulanda eMozambique.
“Kulo mzila waseMozambique kuthunyelwa izinto ezibalulekile ezifana neogesi, uphethroli ne-gas. Isimo esiqhubekayo singabeka engcupheni ukuthunyelwa kwale mpahla.
“Emhlanganweni sikukhulumile ukuthi imibhikisho eqhubekayo iphazamisa umnotho. izinkampani zilahlekelwe imali enkulu ngenxa yemibhikisho. Uma iqhubeka imibhikisho kungase kuphazamiseke nokuthunyelwa kokudla.”
ULamola uthe ngaphandle kwale mpahla kuningi ukuxhumana okukhona phakathi kweMozambique nelakuleli.
“Enye impahla ithunyelwa ngezitimela enye ithunyelwa ngamaloli, enye ihamba ngemikhumbi. Ngaphandle kwalokho kuphinde kube nenqwaba yabantu abahamba phakathi kwala mazwe. Kunenqwaba yezivakashi njengoba kunamaholidi kaDisemba. Bonke laba bantu ngeke bakwazi ukuhamba ngokukhululeka uma kunemibhikisho.”
Okhethweni lwangoMeyi kwanqoba inhlangano iFrelimo, okuyiyo ebilokhu iphethe kusukela iMozambique yathola inkululeko.
Abaseka uMnuz Venâncio Mondlane, owayengenele ukhetho ngokuzimela, abafuni ukwamukela imiphumela yokhetho.
Abalandeli bakaMondlane bakhala ngokuthi kwaba nokukhwabanisa okhethweni lwango-Okthoba.
Abanganelisekile ngemiphumela yokhetho sebefake isikhalo enhlanganweni yakhona iConstitutional Council ukuba ixazulule lo mbango.
ULamola unxuse bonke abathintekayo ukuba bamukele imiphumela yokhetho.
“Iqiniso ukuthi uma kunokhetho kuhlezi kuba khona ubuhixihixi. Akukaze kwenzeke ukuthi yonke into ihambe kahle. IMozambique seyike yabhekana nesimo esinzima. Asifuni ukuthi kuphinde kube nenye impi eMozambique.”
ULamola uthe bazoqhubeka nemizamo yokuthi ingaphazamisi kakhulu imibhikisho eqhubekayo.
“Sifuna kuqhubeke ukuthunyelwa kwezimpahla phakathi kwala mazwe.”