UKHUZA ibhadi uNdunankulu waKwaZulu-Natal ngomkhuba wabesifazane osuphenduke insakavukela, wokuvula amacala bese bewasula uma sebekhokhelwe imali.
UMnuz Thami Ntuli ubekade ekhuluma izolo, ngesikhathi enikezela ngezimoto eziwu-36 emaphoyiseni aKwaZulu-Natal. Kuvezwe ukuthi kudle u-R14 million ukuthengwa kwazo.
UNtuli uthe kulokoza inhlansi yethemba empini yokulwa nobugebengu ngenxa yezimoto abezinikela.
Kodwa ubabaze izenzo athi sezivbamile lapho abesifazane bemukeliswa imali njengendlela yokucima amacala abasuke bewafakile.
Ulimise ngesihloko elokuthi lo mkhuba kawumuhle futhi unjalo nje ukhinyabeza impi okumele inqotshwe yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
"Le nto isithanda ukusikhathaza impela nje, ngikholwa ukuthi kukhona okumele sikwenze ngenhloso yokunqanda lo mkhuba,'' usho kanjena.
Ngokusho kukaNtuli, kuvele ukuthi lo mkhuba uqale ukwanda ePort Shepstone, wathi kumele unqandwe ngaphambi kokuba uze ugcine sewusabalala kusona sonke isifundazwe.
"Abantu besifazane kumele bazi ukuthi ukuvula icala kuyinto okungamele badlale ngayo futhi akumele basebenzise yona ukuzuza imali,'' usho kanjena.
UNtuli ukhuluma kanjena nje, nasezinkundleni zokuxhumana kunasebejwayele ukuntela ngokuthi: "Ngishaye ngivule icala ebese ngilisula uma sewungikhokhele.''
Ezinkundleni zokuxhumana kuvela ukuthi nabesilisa banomkhuba wokuchukuluza abanye bese bevula amacala emaphoyiseni ukuze bawasule ngenkokhelo esuka ku-R4 000. Kuthiwa abanye bafuna ngisho u-R10 000 nxa beshayiwe ukuze besule amacala.
UNtuli uthe kuyakhathaza ukuthi ukuvulwa kwamacala abesifazane sebekuphendule umdlalo ekubeni ziqhubeka nokwanda izigameko zokuhlukunyezwa kwabo.
Ubalule ukuthi ekwateni yesithathu senyuke ngo-25.8% isibalo samacala okuzama ukudlwengulwa kwabesifazane esibikwe eziteshini ezehlukene.
Ugcizelele ukuthi isiteshi saseNanda, uMlaza nesasePlessislaer, ngezinye zeziteshi okubikwe kuzoma amacala amaningi okuzama ukudlwengula.
Uveze ukuthi angu-1 428 esewonke amacala okubulala avuliwe kwase kuboshwa abangu-558, wabalula ukuthi izigameko eziningi zokubulawa kwabantu zenzeka emakhaya nasemalokishini.
Iningi labantu ababulewe uthe ngabesifazane njengoba kuvela ukuthi kubulewe abangu-186 uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo nyakenye.
Kube nezigameko ezingu-71 lapho obekusuke kubulawa khona abantu abaningi ngesikhathi esisodwa okugcine kuholela ekutheni kuphume izidumbu ezingu-164 kulezo zehlakalo.
Uthe halamuzi nangokwanda kwezigameko zokwebiwa kwemfuyo, waveza ukuthi zande kakhulu ezindaweni ezisemakhaya.
Ubale iziteshi okukhona kuzo iMpendle, Mondlo, Mpangeni naseMadlangeni, wathi kwande kakhulu ukwebiwa kwemfuyo kuzo.
Amacala okuzama ukubulala anyuke ngo-3.9% okusho ukuthi kunezezeleke angu-66 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo sangonyaka owedlule.
Amacala okusashaya ngenhloso yokulimaza anyuke ngo-7.5% okusho ukuthi anyuke ngangu-534.