OWESILISA waseManyiseni, eNgwavuma, osolwa ngecala lokugwaza abulale usinganina obenguthishanhloko ngeSonto eledlule, kuthiwa wayalela umsolwa ayehamba naye ukuthi angamlokothi umntanakhe owayekhona kubulawa uthishanhloko.
Lokhu kuvezwe umthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba lokubulawa ngesihluku kukaNkk Busisiwe Mathenjwa (60). Umufi obenguthishanhloko eManyiseni Primary ufihlwe ngesizotha ngoMgqibelo.
Umthombo ulandisa Isolezwe uthe umsolwa (39), ozalwa umyeni kamufi ugasele kubo ehamba nomunye umsolwa, othe uma ezama ukulimaza ingane ezalwa umfowabo, wathi “umntanami ungamthinti”.
“Lokhu wayekusho ngomzukulu kamufi (ozalwa umfowabo kamsolwa) oneminyaka elinganiselwa ku-16 obehlala nomufi,” kusho umthombo.
Umthombo uveze ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, umyeni kamufi ubesanda kunikela enduneni eyocela ukuba imlekelele ahlanganise umndeni wakhe.
“Bekuyinyanga edlule eya enduneni eyokwenza lesi sicelo. Kuvela ukuthi wafike waveza ukuthi odadewabo bayamnyakazisa yena nomkakhe njengoba bona bebaningi, yena engowesilisa yedwa,” kulandisa umthombo.
Udalule ukuthi amalungu omndeni “abesebenzisa" izingane ”ukumnyakazisa” njengoba kugcine sekwenzeka lesi sigameko sokubulawa kukaNkk Mathenjwa.
Ubuye waveza ukuthi basabamba amakhanda namanje emphakathini ngesenzo sikamsolwa njengoba ebebhukuda emafutheni, kungekho umufi nomyeni wakhe ebebengamenzeli kona.
“Ubeyiqanda, bamfundise wagogoda. Wathola umsebenzi kwa-Transnet, wabuye wawuyeka ethi ngeke elokhu esebenzela umlungu yena. Bamthengela ogandaganda ababili ukuthi azisebenze njengoba wabatshela ukuthi uthanda ezolimo, nakho kwamhlula, kumanje bahleli ogandaganda,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi ubesenesipaza esincane kodwa ebhema insangu. Uqhube wathi abazi ngempela ukuthi umsolwa ubengenwe uSathane muni, ebulala umuntu obewusizo olungaka emphakathini.
Isolezwe lithole ukuthi njengoba ebenguthishanhloko, ubewusizo kubafundi bendawo. Kuvela ukuthi ubengagcini lapho, nasesontweni eSheshi lapho abenezikhundla ezehlukene khona, ubephinde abe wusizo.
“Nasemphakathini nje, ubengowesifazane omnene, ubebizwa asabele. Ngisho kunemingcwabo, ubumfica ehamba phambili ngokusiza,” kwenaba umthombo.
Ethintwa umyeni kamufi, uMnuz Bhekinkosi Mathenjwa, uvumile ukuthi umsolwa yindodana yakhe.
“Yebo, uzalwa yimi kodwa phela ukwenzile-ke lokhu akwenzile,” kusho uMathenjwa ngamafuphi.
Uqhube wathi akukho okuphathekayo akwaziyo obekungaholela ekutheni indodana yakhe isoconge umkakhe.
Uthe njengoba aphawula ngokuthi yinto yasemndenini ukubulawa kukamufi, wayekusho ngoba azi ukuthi umsolwa usekhaya.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa umsolwa wafuna umnikelo wesonto nokwathi uma umufi emnika wakhala ngokuthi mncane, wase emgwaza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, eqinisekisa isigameko uthe amaphoyisa aseNdumo, abophe owesilisa (39) kulandela isigameko sokubanjwa inkunzi kowesifazane ngaphambi kokuba abulawe.
Uthe umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNgwavuma ngoLwesithathu olwedlule, kanti uzovela futhi kusasa.