ISIKHATHI samaholidi nemicimbi yokuphetha unyaka kuvame ukwenza abanye abantu baphuze ngokweqile, okungaba yingozi yokuthi bagcine benza i-alcohol poisoning, okungukuphuza utshwala obuningi kakhulu ngosuku olulodwa.
Ongoti bezempilo baxwayisa ngokuthi ukwenzanjalo kungaba yingozi enkulu kumuntu kangangokuthi kungambeka engozini yokufa imbala.
Isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sixwayise abantu ngokuthi kumele bazi okufanele bakwenze nokungamele uma kwenzeka injabulo iphuma esipolweni, baphuze beqise ezinkambeni zaFaro.
Iyini yona i-alcohol poisining?
– Yilapho umuntu aphuza khona utshwala obuningi kakhulu ngesikhathi esincane. Ukuphuza utshwala obuningi kuphazamisa indlela umzimba womuntu okumele usebenze ngayo, kubalwa ukuthikameza ukushaya kwenhliziyo, ukuphefumula, kwenze nokuthi ukudla kungagwinyeki kahle. Kuyisimo esiyingozi kangangokuthi singakulalisa esibhedlela, kuphazamise ingqondo futhi kuyabulala.
Ubona kanjani ukuthi usunale nkinga?
Ziningi izimpawu ezikhombisa ukuthi usuhaqwe yile nkinga, njengokuthi kube noshintsho esikhunjeni sakho, nokuthi ube nenkinga yokuphathwa yisiyezi. Kwabanye kuba nenkinga yokuhlanza, okungenza umuntu abuyise konke ukudla namanzi okusesiswini, okumbeka engozini yokusala engenalutho ngaphakathi.
Umsiza kanjani umuntu onenkinga ye-alcohol poisoning?
– Uma usola ukuthi umuntu unale nkinga, kusemqoka ukuthi kube khona okwenzayo ngokushesha. Nawa amathiphu ngokungakwenza;
1. Into yokuqala esemqoka okumele uyenze wukuthinta abezimo eziphuthumayo okuyibona abazi kahle nabaqeqeshelwe ukusiza umuntu onale nkinga ukuze kuhlengeke impilo yakhe.
2. Uma umuntu eba nale nkinga, mkhuthaze ukuthi ame aqonde, kunokuthi alale phansi. Ukuma kungamvikela ekuphelelweni wumoya uma kwenzeka ephalaza. Uma umuntu ehluleka ukuma, mlalise ngendlela yokuthi ikhanda lakhe libuke endaweni eyodwa ukugwema umuzwa wokufuna ukuphalaza.
3. Bheka ukuthi umuntu uphefumula kanjani bese uzwa nokuthi inhliziyo yakhe ishaya kanjani. Uma uqaphela ukuthi ukuphefumula kwakhe kuphansi noma kuyama, yenza izindlela zokuthi athole usizo lwabezempilo.
4. Ukuphuza ngokweqile kudala ingozi yokwehlisa umfutho wegazi, ngakho kuyasiza ukuthi umuntu onenkinga umbathise ingubo bese uba seduze naye ukumqapha nokubheka ukuthi anganqanyulelwa wumoya.
“Uma uphuza nabangani bakho nanoma wubani omunye okhona ngaleso sikhathi, qinisekisani ukuthi aneqisi kakhulu. Ukuphuza ngokweqile kuyagwemeka futhi nokusheshe uthathe izinyathelo kungasiza ukuhlenga impilo yabantu abaningi,” kusho uHewlett.