INTOKAZI yaseDannhauser, esizakhele igama uNtombezinhle Jiyane edume ngelika-DJ Zinhle, isiveze ukuthi u-2024 ube muhle emkhakheni ekuwo.
U-DJ Zinhle ukusho lokhu njengoba emenyezelwe i-DjaneTop njengowesifazane ophume phambili kwabangu-100, abango-DJ e-Afrika.
Kwenzeka lokhu nje, le ntokazi kulo nyaka ibigubha iminyaka engu-20 yafika endimeni yobumnandi.
Ukujabulela leli banga ngo-Agasti wenze umcimbi i-ZeeNation wokubonga abalandeli bakhe obe yimpumelelo.
Akagcinanga lapho uphinde wahlonishwa ngezindondo ezehlukene emicimbini emikhulu okukhona kuyo i-Basadi in Music Award.
Ekhuluma ngale mpumelelo yakhe uDJ Zinhle, ubonge abalandeli bakhe ngokumbeka esicongweni.
“Sekuyiminyaka ngiqhwakele phezulu kule nkundla yoDJ abahamba phambili e-Afrika. Kube unyaka omuhle kakhulu kimi lona, ngiyabonga futhi ukuphinde ngihlonishwe ngalolu hlobo. Ngifikelwa umunyu kakhulu ngothando abantu abangikhombisa lona njengoba kuvotwa lana.
“Kwenzeka lokhu nje bengisanomuzwa wokungakholwa into abangenzela yona abalandeli bami ngomcimbi owaba impumelelo i-ZeeNationFest,” kuchaza u-DJ Zinhle.
Uthe uyabonga ngabalokhu beqhubeka bekholelwa kuye futhi kuningi abathembisa kona enyakeni omusha.
“Lonke-ke udumo luya kuNkulunkulu nabakithi abalele uma kunje. Ukuba kuya ngami ngabe ngibabonga ngabanye ngabanye abalandeli bami, kodwa konke siyokwenza ngesikhathi sako njengoba lolu kube uhambo olungelula,” kuchaza yena.
Kwabanye besifazane bakuleli abavele kulo luhlu kubalwa uLerato Kganyago othathe indawo yesibili, DBN Gogo othathe indawo yesihlanu balandelwa uLady Amar noLamiez.