UMCULI we-kwaito owahlaselwa yisifo sohlangothi ngoDisemba 2022, uL’vovo Derrango, uthi sekusele u-10% ukuthi alulame ngokugcwele.
U’L’vovo wahlatshwa wukugula enandisa emcimbini owawuseNdwedwe.
“Angiwona umqemane ngokugcwele kodwa ngingathi ngiku-90% kushoda iminwe engakathandi ukunyakaza. Ngiyakwazi ukuhamba, ukuma nokuzishayelela,” kusho uL’vovo.
Ukusho lokhu ekhuluma naleli phephandaba ngengoma yakhe entsha eyikhiphe ngoLwesihlanu iNomalanga apike kuyo uMpumi.
“Yingoma engangiyenze nodadewethu ngesikhathi ngisalulama. Ngithe ngihleli ngilalele izingoma zami estudiyo ngoba istudiyo ngasithutha ngeza naso ekhaya ngezwa ukuthi angibenzanga ubulungiswa ngokungayikhiphi. Ngiyizwe izwakala kamnandi ngase ngithi angiyikhiphe ngoba kade ngangifuna ukwenza ingoma naye uMpumi. UMpumi uke wakhathazeka ngokuthi akatshelwanga ukuthi ingoma sesiyayikhipha. Ngangithi ehhovisi bamtshelile ngoba indala kade sayenza. Konke kulungile manje abantu abake balalele umyalezo okhona,” kusho uL’vovo.
Uthe uyikhiphile ukuze abantu bangamkhohlwa.
“NgoDisemba ngizonandisa ezindaweni ezimbili noma ezintathu. Angifuni ukujaha kakhulu izinto. Ingoma ngiyikhiphe ngoba akumele ngihlale kuze kuphele unyaka ngingakhiphanga,” kusho uL’vovo owakhipha ingoma ethi Yebo Phela nyakenye.
Uthe uma esenomfutho uzongena estudiyo eyoqopha umculo omusha ngoba baningi abafuna ukusebenza naye.
“Okwamanje ngikahle ngingapha ekhaya ngoba kuningi okunye engikwenzayo. Ngiyabonga ukwesekwa abantu nothando abanginika lona. Bangadinwa yimi,” kuphetha lo mculi waseNewcastle.