UNOBHALA Jikelele we-MK osanda kuqokwa, uMnuz Floyd Shivambu, usecula iculo elihlukile ngomholi wale nhlangano, uMnuz Jacob Zuma.
UShivambu ongomunye wabantu ababegxeka uZuma ngesikhathi esaphethe izwe, uthe wadukiswa ukuba azonde uZuma.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSABC, izolo.
Osukwini lwayizolo uShivambu umenyezelwe njengoNobhala Jikelele we-MK. Uthatha isikhundla esishiywe nguDkt Sifiso Maseko, obuyele emsebenzini eMnyangweni wezeMpilo eGauteng.
UMaseko ubekade emisiwe kulo msebenzi ngenxa yophenyo lwezinsolo zokubhubhudlwa kwemali yokuthengwa kwezinsiza zokulwa nokusabalala kobhubhane iCorona.
Ngesikhathi uShivambu eseyilungu le-EFF, ubehlezi egxeka ubuholi bukaZuma kepha izolo, uShivambu uveze ukuthi wayesagcwele inkungu emehlweni ngesikhathi egxeka uZuma.
“Kunabantu abathile ababephume umkhankaso wokungcolisa igama likaZuma. Thina sasuke sakholwa ilabo bantu, sase zizonda uZuma.”
UShivambu ubalule abezindaba nowayenguMvikeli woMphakathi, u-Advocate Thuli Madonsela, njengabantu abenza ukuthi uZuma azondelwe ubala.
“Ikakhulukazi uma uzobuka u-Advocate Madonsela. Izinto azenzayo njengamanje zenza sibone ukuthi wayephume umkhankaso wokungcolisa igama likaZuma.”
UShivambu uthe lokhu akakusho ngoba nakhu eseyilungu le-MK.
“Kade ngaqala ukukusho ukuthi sadukiswa. Le nto ngaqala ukuyisho ngisekwi-EFF.”
UShivambu ungowesine ukubamba isikhundla sikaNobhala Jikelele kwi-MK esikhathini esingaphansi konyaka kusukela uZuma amemezela ukuthi uzovotela le nhlangano.
Ngaphambili, lesi sikhundla sasiphethwe oyilungu lePhalamende njengamanje, uMnuz Sihle Ngubane, owalandelwa uMnuz Arthur Zwane.
UShivambu uthe akanalo uvalo lokuthi angase angahlali isikhathi eside kusona isikhundla.
“UZuma uyayazi into ayenzayo. Akavele nje avuke ekuseni, bese enza izinguquko ebuholini. Kusuke kunesizathu esiholela ekutheni enze izinguquko.”
Kusukela uShivambu ajoyina i-MK ngo-Agasti, baningi abaholi be-EFF abamlandelile okubalwa kubo owayengusihlalo we-EFF, u-Advocate Dali Mpofu nababengamalungu ePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi no-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
UShivambu uthe akekho embidlangweni wokunxenxa abaholi be-EFF ukuba bajoyine i-MK, kodwa wathi uzobamukela ngezandla ezimhlophe uma benquma ukujoyina.
“Mina abantu engabanxenxa ukuba bajoyine i-MK abantu abavotayo. Uma kuwukuthi abaholi bamanye amaqembu nabo bafuna ukujoyina, angeke ngibavimbe.”