Umbuzo
Sisi MaGumede ngisize la. Nginenkinga kamkhwenyana wami othanda izingane ezincane ngale ndlela engihluleka ngisho ukuyichaza. Isoka lami sishadile nalo, liyahlupha nkosi yami lijola nezingane ezincane esingazizala. Into eyenza ngikubhalele ukuthi kunesigameko esingiphule umoya lapho umyeni wami ngimbambe nengane encane emzini wethu ebusuku. Ubecabanga ukuthi angibuyi ekhaya kanti ngizobuya ngabafica endlini belele. Angizange ngiyilwise leya ngane kodwa ngihlale phansi nayo njengomzali ngayibonisa indlela nephutha lokuzinikela emadodeni amadala ashadelwe ngathi ayilale ihambe sekusile. Ngiyamthanda umyeni wami kodwa izenzo zakhe ziyangiphoxa, ngicela ungibonise ukuthi ngingayilungisa kanjani le nkinga?
Impendulo
Umyeni wakho akakuhloniphi nhlobo sisi wami. Mhlawumbe woniwa ile nto yokuthi wena ungumuntu wesifazane olungile, noma ngabe uyajola kodwa akumele alethe izingane ajola nazo emzini wenu ngoba lokho kukwehlisa isithunzi. Wena njengomfazi wakhe futhi naye uzehlisa isithunzi. Ake uhlale phansi naye umbonise ukuthi awusithandi kangakanani isenzo sakhe bese uyamtshela ukuthi uma eqhubeka kuzophoqa ukuthi umbizele umhlangano womndeni umcebe ngoba uma ekhuzwa uwena akezwa, le nto ayenzayo ingagcina ibhidliza umuzi wenu ngakho ke kungakuhle azame ukuyigwema manje. Kodwa- ke kumele nawe uyeke ukulunga kakhulu, abantu besilisa banakho ukwenza noma kanjani uma usumxolele kaningi. Ukhumbule ukuthi kunezifo ezingalapheki la ngaphandle, mhlawumbe ngelinye ilanga kuyomele ucabange ngenye indlela ngoba awukwazi ukulethelwa wumuntu ongafuni ukukhula izifo zocansi ezingelapheki. Yicabange le engiyishoyo!