BAHLUKENE phakathi abathandi bomculo ngesimo somculi kamaskandi, uSenzo “Ntencane” Zondi, ophuthume ngo-Live osheshayo ngoMsombuluko, echaza udaba lukanina wengane yakhe, uNombuso Gcabashe odume ngelikaMs Level.
Ukukhuluma kususwe yingoma kamama wengane egadla kobaba bezingane abangondli ethi Dear Baba Womntwana. Le ngoma isuse omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana, yonke imikhonto yabheka kuNtencane njengomuntu okuqondiswe kuyena.
UNtencane uthe ubone kubalulekile ukuthi enze u-Live echaza isimo sakhe nentokazi yakwaGcabashe ahlangana nayo ngo-2019, enzela abaqashi, abaxhasi kanjalo nabalandeli bakhe akholwa wukuthi kumele abahloniphe ngokuveza olwakhe uhlangothi.
“Angisiye umuntu othanda ukuthatha izindaba zakhe azibeke emphakathini kodwa-ke uma sezifikile emphakathini zifika ngendlela ebonisa ukuthi izophazamisa indlela yokusebenza, kufanele ngizikhulume,” kusho yena.
Uthi esikhathini esiningi abantu abamqashayo kuba ngabantu besifazane adinga ukuthi baqhubeke nokumhlonipha futhi nomsebenzi awukhiphayo abantu baqhubeke nokumeseka ngale kokuba nogcobho wokuthi akenzi kahle enganeni yakhe.
Lo mculi wengoma eshisa izikhotha ethi Sibawela, uthi uqhekeko phakathi kwakhe nentokazi yaKwaMaphumulo lwaqala beseGoli, lapho kwaphela izinsuku ezintathu engalele, equla amacala angapheli. Uthi wabona lapho ukuthi ngeke akwazi ukuphilelana nomuntu wesifazane onokukhuluma okuningi. Uthi ngeshwa, ngaleso sikhathi kwabe sekuvela ukuthi le ntokazi ikhulelwe, bazama indlela yokubona ukuthi bazobambisana kanjani kulesi simo esasivela sekunoqhekeko phakathi kwabo.
Uthi izinto zaqhubeka nokuba zimbi, nasola ukuthi intokazi le yagajwa yisikhwele esebona esebenza nenye, ayizingela ezinkundleni zokuxhumana eyibuza ukuthi baqomene yini nalo mculi. Intokazi eyayisebenza noNtencane yachaza ukuthi akuyona ethandana naye, kodwa enye.
Uthi kuningi okwenzeka phakathi kwabo okuthinta ukungabambisana kahle ngengane kangangokuba uma beke bahilizisana, intokazi le yayivele inqabe konke, isondlo nezimpahla zengane uqobo.
Uthi umama wengane wabuyisa izimpahla zengane ayezithengile, ethi ingane yakhe ngeke igqoke izimpahla ezinjena. Uthi wazibuza ukuthi kukhona yini izimpahla ezingama-reject ezibiza ngaphezu kuka-R6 000. Uthi ezimpahleni ezabuya kwasala amateku ePuma ne-Nike awabuyanga, kwabuya izimpahla kuphela.
UNtencane uthi akanayo ingane eyodwa, uma kungukuthi izingane zakhe ziyamhlula kungani enenkinga ngengane eyodwa? Kungani kuyingane eyodwa enenkinga njalo ezinyangeni ezintathu kunengane eyodwa evela njengemxakayo?
“Ezinye izinto ngiyazithula zibuhlungu zimnandi ngoba angifuni ukuxabana nomawengane ngoba ukubona ingane kulele kuye umama wayo. Zikhona izindlela zokuphoqa umuntu ukuthi ondle uma ekuxaka ngokondla. Kwabakholwa yilolu daba, kungani kungakaze kumfikele ukuthi akamfake isondlo esikhundleni sokuthi kuyiwe ezinkundleni zokuxhumana?”
Uqhubeke wathi akazivikeli kulokhu kodwa kusuka namhlanje kuya phambili uzobeka imali okufanele ayikhokhe ngengane acele uhlelo lwenkantolo ukuthi akhokhe imali ethile.
Lokhu kukhuluma kukaNtencane kushiye abantu behlukene phakathi ngemibono. Babodwa abazwelana naye, basola umama wengane ngokuba nesikhwele nokuba nethemba elikhulu ngekusasa nensizwa yakwaZondi, kanti abanye bakhale ngokuthi abantu besilisa bayathanda ukuqhamuka nezindaba ezidabukisayo uma besolwa ngokungondli izingane.
Slindile Zungu KaMthetho: Mhla saphuma ezindabeni zabantu sabheka ezethu, sayeka ukuthatha izinhlangothi ezindabeni esingawazi umsuka wazo, siphawule size siqhaqhazele ezindabeni zabantu abambatha bobabili, akuve liyolunga izwe. Mina ngiyimi nje, ngifunda ngidlule, angiphawuli angithathi hlangothi.... Ngoba akuzona ezami!
Sandile TheGeneral Mdluli: UNtencane uveze ikhasi abaningi abangalazi ngabantu besilisa, asikuthandi ukukhuluma sidalo futhi asizenzisi. Asikuthandi ukukhuluma ngezindaba zethu zangasese ezinkundleni zokuxhumana. Njengoba ukukhuluma kungesiyo into yethu - kwesinye isikhathi - uhlulwa nawukuzivikela ugcine uthula uma ukhuluma nomuntu ongakuzwa. Kukuwe ukuthi ukholwa bani kule nto kodwa mina ngikholwa uNtencane ngoba ngiyabona akasiye umuntu okhulumayo.
Mosuli Msona: Kungcono nkabi yami uyobika udaba lwakho enkantolo uma eke waphinda wabhala ngawe ezinkundleni zokuxhumana into ebhedayo, ukuze ajeze.
Nkule Mlambo: Kodwa-ke ngenxa yengane kumele nenze indlela elungile njengabazali kube nokuthula. Khona akusekuhle uma uchaza futhi umsebenzi wenu nobabili njengamaciko kulimala nomsebenzi.
Zipho Mpicabadala Mncwango: Nxese Ntencane mfwethu ngiyafisa uNkulunkulu akuphe amandla udlule kule nto.
Nonkazimulo Mchunu: UZondi ethume abadala kubo eyohlawula ingane, uqhoshani ingane engayihlawulile? Akwehlukile nje ukuthi akuyona eyakhe. Amateku akuyona inhlawulo.