OMASTENDE bakhala ngenkani yesele kwabokufika abaqashe ukuba badayisele emagcekeni abo eMgababa, ngesikhathi bebavalisa izitolo emuva kokuphuthunyiswa esibhedlela kwengane exinwe ukugula emuva kokudla ama-chips ewathenge kwesinye sazo.
Ingane igule ngoMgqibelo, izitolo zavalwa ngeSonto.
Kuvalwe izitolo ezingu-45 zabantu bokufika okuthiwa bagoloza ukuza emhlanganweni bezochaza ukuthi bayithengaphi impahla abadayisela umphakathi emuva kokugula kwengane edle ama-chips.
Kuvela ukuthi kusuke udungunyane kule ndawo njengoba abantu bokufika bebengafuni zivalwe izitolo, baze babiza abaqaphi babo.
Nokho kuvela ukuthi lugcine lugobile uphondo kubona zagcina zivaliwe izitolo zabo.
Umzali wengane ocele ukuba kugodlwe igama lakhe, ukuqinisekisile ukuthi ingane yakhe igulile ngemuva kokudla ama-chips abewathenge esitolo sabokufika.
"Yebo, kwenzekile kuyiqiniso kodwa ngiyesaba ukukhuluma ngakho ngisabela impilo yami kwazise ngiwumuntu ohlala yedwa,'' usho kanjena.
Kule ndawo kuvela ukuthi kunenhlangano ezibiza ngokuthi Bavukile Omasitende Tuckshops.
Le nhlangano ngeyabanikazi bemizi baseMgababa kodwa abaqashisa abantu bokufika ukuze badayisele emagcekeni abo.
Usihlalo wale nhlangano, uMnuz Nkululeko Vincent Ngobese, uthe bafinyelele kulesi sinqumo ngemuva kokuba sekuphele amasonto amabili benxusa ukuthi babe nomhlangano nalaba badayisi kodwa bengazihluphi.
"Besibabhalela izincwadi kodwa kumane kufane nje nokuthi siyadlala. Yingakho nje sibone kungcono ukuba simane sibangenele sibakhiphe ngemuva kokuba sekugule ingane,'' usho kanje.
Uveze ukuthi kulo mhlangano ebebewucele ukuba nawo nabadayisi bebefuna ukuthola ukuchazeleka kabanzi ngokuthi lezi zinto abazidayisayo bazithenga kuphi njengoba zigulisa abantu nje.
"Angeke size sithule sigoqe izandla sibukele abantu bebulala umphakathi wethu. Ukuthi bayarenta kuthina akusho ukuthi sekumele sibatotose,'' usho kanje.
Ukhale ngokuthi abantu bokufika banenkani yesele. "Wake wakuzwaphi ukuthi ugolezelwe umuntu egcekeni lakho? Uma umxosha ekutshele ukuthi yena akayi ndawo ngoba uyakukhokhela,'' usho kanje. Kuthiwa abokufika bakhokha irenti ephakathi kuka-R700 no-R2000.
Uthe bona babeka eqhulwini ukuphepha komphakathi. "Mhlawumbe singaxoxa emva komhlangano uma bevuma ukuza kuwona ebese besitshela ukuthi zithathwa kuphi kanti lezi zinto abazidayisayo,'' usho kanjena.
UNgobese uthe bathandazela ukuthi ingashoni ingane okuthiwa idle ama-chips.
Kunabanye abantu basemphakathini ababalisa ngokuthi abasazi ukuthi bazothenga kuphi njengoba sekuvalwe izitolo zabokufika.
"Kubi lokhu abakwenzayo kokudayisela abantwana bethu izinto eziyingozi. Kodwa bekubalula ukuthenga kukhona bona ngoba besingekho isidingo sokuba sigibele siye eThekwini,'' kuchaza uMnuz Bhekithemba Mkhungo oyilungu lomphakathi.