Umdlali weCape Town City, uLorenzo Gordihno, unethemba lokuthi iqembu lakhe lizoqala unyaka ngonyawo olusha uma selibhekene neKaizer Chiefs ngeSonto ntambama.
ICitizens naMakhosi bazotholana phezulu emdlalweni weBetway Premiership e-DHL Stadium eKapa ngo-5.45 ntambama.
Lona kuzobe kuwumdlalo wokuqala iCity ezowudlala ngaphansi komqeqeshi wayo omusha, uMuhsin Ertugral, onikezwe izintambo zokuqondisa iqembu kuze kuphele isizini kulandela ukuhlukana nobeliqeqesha, u-Eric Tinkler, ngenxa yemiphumela engagculisi.
ICitizens ihlulwe kwemithathu, yanqoba umdlalo owodwa kwemine yakamuva yeligi. Inqobe iChippa United ngo 1-0 yashaywa yiLamontville Golden Arrows neSekhukhune United, kwathi kowakamuva yaqunjwa phansi AmaZulu FC ngo 1-0.
U-Ertugral ulifice leli qembu lisendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-11 emidlalweni engu-10. Uzobe ebheke ukuqala ngenothi elihle ebhekene neqembu ayeliqeqesha, wadla inqwaba yezicoco nalo.
“Ngibona sengathi ngemuva kokuthola umphumela ongemuhle sibhekene naMaZulu ozakwethu bakhombise ukuqina ngokomqondo futhi bazimisele ukwenza konke okusemandleni abo ukusiza iqembu likhuphule izinga. Sihlose ukusebenza kanzima ukuze sithole umphumela omuhle uma sesibhekene neChiefs,” kusho uGordinho, owayegijima kwiChiefs.
“Sonke siwubheke ngabomvu lo mdlalo. Wumdlalo omkhulu futhi ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo omuhle nojabulisayo. Sibona kuyithuba lokuthi siwunqobe ukuze sibuyise umoya omuhle eqenjini, ikakhulukazi njengoba izinto zingahambanga ngendlela esasihlele ngayo ngesikhathi sidlala naMaZulu.”
Amakhosi aqede u-2024 ngendlela ethembisayo eguqisa iChippa United ngo 1-0 emdlalweni weligi eThekwini. Iqembu likaNasreddine Nabi lisendaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-15 emidlalweni eyishumi.
IChiefs izobe ibheke ukunqoba imidlalo emibili yeligi ilandelana okwesibili kule sizini selokhu yagcina inqoba iMarumo Gallants naMaZulu FC ekuqaleni kwesizini.
Ngesikhathi la maqembu egcina ukuhlangana eKapa, e-Athlone Stadium, ngesizini edlule, umdlalo waphela ebambene ngo 0-0. Umdlalo owadlalelwa eFNB Stadium wanqotshwa yiCity ngo 1-0.