ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sifake isicelo sesehlukaniso kwabanye bondlunkulu baso njengoba silungiselela ukushadelwa ngundlunkulu wesithathu.
IMbube ifake isicelo sesehlukaniso eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho ifuna khona ukuba kugqabuke igoda phakathi kwayo nomunye wondlunkulu bayo abakhona njengamanje.
Emaphepheni asenkantolo abonwe yiSolezwe, iSilo sikhale ngokuthi umshado waso nondlunkulu igama lakhe elingeke lidalulwe, ngeke usalungiseka.
Amaphepha asenkantolo aveza ukuthi bese kuphele isikhathi esingaphezu konyaka iSilo nondlunkulu behlala ngokwehlukana nokuthi alisekho ithemba lokuthi umshado wabo usengaphinde ulungiseke.
Ummeli kandlunkulu, uMnuz Melusi Xulu weDonda Attorneys, ukuqinisekisile ukuthi sebewatholile amaphepha asenkantolo.
ISilo sifaka isicelo sesehlukaniso nje, kuvela ukuthi sizogcagcelwa owesithathu, uNdlunkulu Nomzamo Myeni, ekupheleni kwale nyanga.