UZOZUNGEZA izinkantolo ngamacala abucayi umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala ovundululwe ebhace emijondolo yaseThubelihle, eMelmoth, ngoMsombuluko mhla ka-11 kwephezulu.
Ekuseni ngomhla ka-4 kwephezulu iphoyisa elinguSuperintendent ngaphansi kophiko lweRoad Traffic Inspectorate (RTI) labona itekisi lipake kabi kuthelawayeka u-N2 ejikeni laseGroutville, lanikela khona liyozwa ukuthi kwenzenjani.
Leli phoyisa lalingazi ukuthi leli tekisi limi lapha-nje kunebhoklolo elikhombe abagibeli abane ngesibhamu libagebenga. Kuthiwa isigebengu sathatha imali kumshayeli wetekisi namaselula abagibeli.
“Wathi ebona iphoyisa, umsolwa wavulela ngenhlamvu edubula iphoyisa ephindelela. Kulowo mzuzu, umshayeli wetekisi waphuma ngopotsho wabaleka. Umsolwa wathatha itekisi linabagibeli wabaleka nabo walilahla eThembeni, KwaDukuza,” kusho amaphoyisa ngesitatimende.
Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele eMelmoth, lapho etholwe ebhace khona umsolwa. Ukuqhubeka kophenyo, kwaholela amaphoyisa emijondolo yaKwaMashu, eThekwini, lapho athole isibhamu okukholakala ukuthi sasetshenziswa kulobu bugebengu nezinhlamvu eziwu-32.
Lo msolwa uzovela ngoLwesithathu, eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ngamacala okutholakala nesikhali nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Uzobuye avele naseNkantolo yeMantshi KwaDukuza ngamacala; okubulala, ukuduna imoto nokugebenga ehlomile.