Amaphaphu aphezulu kubasebenzi boKhozi FM kulandela ukubizwa kwabo emhlanganweni oyisigubhukane yizikhuku zeSABC ngoLwesithathu ekuseni, lapho kuthiwa kuzokwenziwa khona isimemezelo esikhulu.
Umhlangano uzoba seSABC, eThekwini, lapho kulindeleke ukuthi izikhulu zifike mathupha.
Kuthiwa isimememo somhlangano sithunyelwe ngoLwesibili emini, kwathiwa wonke umuntu akabe khona siqu sakhe. Kuvela ukuthi ngokujwayelekile uma kunemihlangano abangekho bathunyelelwa i-link yokuwuthamela ngobuchwepheshe besimanje kodwa kulokhu kubizwe wonke umuntu ukuthi azifikele mathupha.
Abasebenzi abakhulume neSolezwe bathe abazi ukuthi umhlangano ngowani kodwa abanye bezwe ukuthi “kunebhomu elikhulu” elizodedelwa.
Abanye abasebenzi bathe ibhomu lithinta esinye isikhulu somsakazo okubikwa ukuthi sibonakale sikhala ngoLwesibili futhi siqoqa nasehhovisi laso.
Udaba olusalandelwa...