BAKHALA ngokuxhaphaka kwezibhamu endaweni kudutshulwa kubulawa isaguga ebese singasenamandla nendodakazi ekhubazekile eNgonyameni, eLoskop, eMtshezi, ngoMgqibelo.
Kulesi sigameko kushone uNkk Lindeni Mpembe (82) nendodakazi yakhe, uNksz Thangithini Ntshalintshali (59).
Ngokusho kwendodana kaNkk Mpembe, uMnuz Nele Mpembe, abafi bahlaselwe wumsolwa ongaziwa ngabo-6.45 ebusuku.
Uthe ngesikhathi behlaselwa bebehleli egumbini lokuphumula, bebuka ithelevishini.
“Kuthiwa kungene umuntu ongaziwa, obefake ikepisi nesifonyo. Waqale wadubula phezulu, izingane zabaleka. Wabe esedubula umama. Kuthiwa uphumele emnyango isikhashana, waphinde wabuya esezodubula udadewethu,” kusho uMpembe.
Uthe phakathi kwezingane ebezikhona kukhona neneminyaka eyisithupha efunda uGrade 1 nenye eneminyaka engu-15.
Udalule ukuthi batshelwe isihlobo ebesisocingweni noNksz Ntshalintshali ngesikhathi kwenzeka isigameko ukuthi abaphuthume ekhaya kuyonakala.
“Isihlobo sethu sisishayele ngokuphazima kweso, sithi asiphuthume ekhaya ngoba umama nodadewethu ngathi bayahlaselwa. Sisitshele ukuthi besixoxa nodadewethu njengenjwayelo ngesikhathi sizwa sekuqhuma isibhamu, sase sizwa bekhala, maqede kwathi nyampu ucingo,” kusho uMpembe.
Uthe bathe beqambe befika ekhaya bese konakele.
“Sisadidekile ukuthi ubani ongaba nenxa nogogo osephuma ekhaya kuphela uma eyolanda amaphilisi akhe okugula ngenxa yobudala, aphinde aphume uma eyohola impesheni. Nodadewethu ubephila nokukhubazeka, ehamba kanzima, naye asiboni ukuthi yisiphi isitha obekungathiwa unaso,” kusho uMpembe.
Ukhale ngezibhamu ezithe chithi saka endaweni nezigameko zokubulawa kwabantu ngesihluku.
“Zolo lokhu, kade kuhlaselwe abantu abayisihlanu, bezidlela inyama emcimbini, badutshulwa, babulawa. Ziningi izibhamu ezigcwele kule ndawo okubulawa ngazo abantu,” usho kanje.
Esinye isihlobo esicele ukungadalulwa, sikhale ngamaphoyisa esiteshi, Amangwe esithe awasebenzi, alibala ukuphuza utshwala nezigebengu nezidakwa zendawo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mvikeleni Kubheka, likufakazele ukwanda kwezibhamu nokubulawa kwabantu endaweni.
“Kusuka ngo-2019, zevile ku-300 izigameko zokubulawa kwabantu. Abantu bahlaselwa emakhaya emini kwabha, kokunye bahlaselwe uma kuhwalala, behleli bedla noma bebuka amathelevishini,” kusho uKubheka.
Ukhale ngombango wobukhosi endaweni namaphoyisa angenele kanjalo nezinsiza kusebenza, wathi uma kungalungiswa konke lokhu, hleze bungancipha ubugebengu bokubulawa kwabantu endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asesiteshini Amangwe aphenya amacala amabili okubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe abesifazane ababili, oneminyaka engu-59 nonengu-82.
“Badutshulwe umsolwa ongaziwa eNgonyameni, eLoskop ngoMgqibelo,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngokwemibiko etholwe amaphoyisa, abafi bebezihlalele bezibukela ithelevishini nezinye izihlobo ngesikhathi umsolwa engena ngomnyango obungakhiyiwe.
“Umsolwa obegqoke isifonyo ukuzifihla ubuso, uvulele ngenhlamvu kubagilwa, waphuma waya emnyango, waphinde wabuya, waghubeka nokubadubula,” kusho uNetshiunda.
Uthe abagilwa bahlonzwe njengabashonele endaweni yesigameko, wathi imbangela yokubulala ayikakaziwa, kanti amaphoyisa asathungatha umsolwa.