UMLINGISI uMelusi Mbele uthi kube nzima ukuqala aqophe iziqephi zendawo azobonakala eyilingisa emdlalweni omusha iThe Butcher’s Soul ezoqala kuShowmax ngoLwesihlanu oluzayo.
UMelusi uqale ukuba semehlweni abantu ebonakala emdlalweni Isibaya, muva nje usanda kushiya emdlalweni iScandal.
Le nsizwa yaseVerulam, ithi ukukhula ikakwe abomdabu waseNdiya ekhule nabo kakhulu akuvimbanga ukufezekisa amaphupho ayo, ikakhulukazi uma kuziwa olwimini lwesiZulu.
Ekhuluma neSolezwe uthe umkhakha wokulingisa wawuqala ngokungenela umncintiswano iClass Act namakilasi ayebanjwa eThekwini, enziwa eDuma Ndlovu.
Kulo mdlalo uMelusi uzobe elingisa indawo kaMthunzi, osanda kubuya ekubeni yisosha nosengene emkhakheni wokuba usomabhizinisi njengoba enebhusha.
“Indawo lena nami engisanganise umqondo ngiqala ukuzwa ngayo. Kube nzima ukuyilingisa kodwa engazitshela khona ukuthi abantu angifuni bangibone ngilingisa indawo efanayo emidlalweni ehlukene. UMthunzi ungumuntu ozithulelayo kodwa akuqinisekisayo ukuthi ufuna ukuvikela umndeni wakhe. Ngakho ukuduka kwendodakazi yakhe eneminyaka engu-9, yikho okumenza ahlangabezane nezingqinamba ezihlukene kodwa aqhubeke enze lokhu akufunayo,” kusho uMelusi.
Uthe ngalo mdlalo ufisa abantu besilisa kube khona abaphuma nakho okuthinta ukunakekela umndeni.
“Abantu besilisa bazobona kulo mdlalo ukuthi imindeni yethu kumele siyinakekele noma singahlangabezana naziphi izingqinamba. Izindawo ezifana nalezi zivele zingikhumbuze ukuthi kwanami angifikanga kalula la ngikhona. Kodwa ukuzinikela nokusondelana nomndeni yikhona okubalulekile. Kulo mdlalo kuzovela ukuthi uNkulunkulu namaphansi basibhekile kuzona zonke izingqinamba esibhekana nazo,” kuchaza yena.
Ebuzwa Isolezwe ukuthi usengaphinde abuye yini emdlalweni i-Scandal njengoba abaka-e.tv beke baveza ukuthi uzobuya maduze kulo mdlalo, uMelusi uthe kulo mdlalo uhlale iminyaka emine futhi indawo akade eyilingisa ubeyithanda kodwa igcine imkhathaza kungakho ekhethe ukuyishiya.
Uthe ubedinga ukuphumula, hhayi nje emzimbeni kuphela kodwa nasemoyeni nangokomqondo.
Abanye abalingisi abazobonakala emdlalweni iThe Butcher’s Soul kubalwa uVuyo Dabula naye osanda kukhuza ibuya ngemuva kokuthatha ikhefu lonyaka engalingisi ngemuva kokudutshulwa, kube uKatlego Danke, Zinhle Mabena noBokang Phelane.