UMCULI kamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, uthi usathukile ngendlela okuthandwe ngayo ingoma yakhe entsha ethi: Ngena Kulayini njengoba nakuYouTube isibukwe abantu abangaphezu kuka-1.6 million emva kwezinsuku ezintathu.
“Kuyaqala ngqa ukuthi ngibe nengoma egijima ngalolu hlobo emva kwesikhathi esincane kanje iphumile. Okungijabulisa kakhulu ukuyibona ingena nasezikoleni njengoba sekukhona nezikole ezenza ama-video ngayo. Lokhu kusho lukhulu kithina njengabaculi bakamaskandi. Kugqamisa umaskandi ukuthi uyakwazi ukuzimela wodwa uthandwe ngabantu njengoba ngingapikanga abaculi abakweminye iminxa yomculo,” kusho uKhuzani.
Uthe ngisho izingoma zakhe ezithandwayo azikaze zifike ku-1 million emva kwezinsuku ezimbalwa ziphumile.
“Okuke kwenzeke ukuthi kuthatha amasonto ukuthi zifike kuleli zinga kodwa kulokhu le ngoma ivele yagijima ngalolu hlobo emva kwesikhathi esincane kanje,” kusho yena.
Ebuzwa ukuthi ikhona yini imfihlo anayo ukuthi ingoma yakhe ithandwe ngalolu hlobo, uthe ayikho kube ukuzikhethela kwabantu ukuthi bayithande kangaka.
Ngokwezinhlelo anazo uKhuzani, uthe ngoNovemba 30 uzobe eseWorkshop, eThekwini ezokwethula ngokusemthethweni i-albhamu yakhe entsha, i-Angidlali Nezingane okukhona kuyona le ngoma ethandwa ngabaningi.
Emcimbini wokwethulwa kwe-albhamu, uthe kuzobe kukhona abaculi abazonandisa kuwona, okungoLuve, Inkosi Yamagcokama, Limit, Ntencane, Njoko, Falabo, Umzukulu, Qhosha, Jumbo, Malahle noLungelo.