UMCULI kamaskandi uKhetha Mlotshwa odume ngelikaMaganga Thishela, uthi wayengaziboni engumculi kamaskandi kodwa ukusina kwakhe ingoma nokuzithengela isiginci ikhona okwamenza wangena kulolu hlobo lomculo.
UMaganga waKwaCeza, eBrashi unguthisha esikoleni esiseJozini, iNobiya High lapho efundisa khona izifundo zeGeography neTourism abafundi baka-matric.
Emculweni kamaskandi uzakhele igama ngezingoma ezimbili ethi; Umbonise Unina nethi Thungisani Bangani, ezikwi-albhamu yakhe entsha ethi Bavale Iminyango.
Ekhuluma neSolezwe, uthe engena eNyuvesi yasoNgoye ngo-2016 wayesina indlamu nabanye abafana bangakubo engazitsheli ukuthi ngelinye ilanga uyoduma.
“Ubuthishela kimi ibona obabuhamba phambili. Ngasekhaya besiziqedela isizungu ngokwenza ingoma kashameni. Kuthe uma sifika oNgoye sahlangana nezinye izinsizwa kushameni sakhetha ukuthi sibe nemiqhudelwano ehlukene. Okwakuhlukile ngamanye amaqembu ukuthi kwakukhona nabashaya isiginci, kanti thina sasigida kuphela. Ngakhetha ukusithenga isiginci ngafunda ukusidlala ukuze singahluki kwabanye. Ukusazi kwami ikhona okwaholela ekutheni ngiqale ngibhale umculo ngaze ngakhipha i-albhamu yokuqala ngo-2016 ethi; Izinto Ziyenzeka kodwa engenzanga kahle. Ngakhetha ukuma emculweni ngafuna umsebenzi ngoba ngase ngiqedile ukufunda.”
Uthe esewutholile umsebenzi waqhubeka nokubhala izingoma, ngonyaka odlule waphinde wakhipha enye eyayinengoma ethi; Sigubha Umswarero nokuyiyona eyamenza waziwa ngabalandeli bakamanskandi.
"Ngiyaziqhenya kakhulu ngezingoma zami ngendlela ezenza kahle ngayo kusuka kule albhamu yangonyaka odlule kuze kube ile yakulo nyaka. Izingoma ngiyazibhalela njengoba ngibheka izimo ezingehlele bese ngibhala ngazo. Lena ethi; Umbonise Unina ngizisho mina njengoba ngenza amaphutha komunye wesifazane engangithandana naye hhayi wangikhombisa okunye, namanje angikacabangi ukuqonywa.“
Uthe impilo ihamba kahle njengoba nabafundi bakhe bephasa futhi nasemicimbini eqashwa.
Esikoleni afundisa kuso uthe abamthathi njengosaziwayo kodwa kwezinye izikole uthwala kanzima njengoba bemjabulela uma eyobasiza ezifundweni.
Uthe okunye afuna ukukudlulisa ukuthi omaskanda abangathembeli emculweni wodwa kodwa kube khona nokunye abakwenzayo.
Uveze ukuthi abafundi bakhe abambona emculweni uhlale ebakhuthaza ukuthi noma benekhono kodwa imfundo bangayidedeli.