UKHAYA Dladla uthe wake wazama ukungena ekubeni umethuli wohlelo lwemishado, i-Our Perfect Wedding kuMzansi magic (161), kodwa kwaba khona izinto ezimvimbayo.
NgoMgqibelo kulesi siteshi uKhaya uzobonakala okokuqala emshadweni kaSello noBonolo njengomethuli omusha walolu hlelo olukhombisa ngemishado yabantu bakuleli.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi uhluleka nawukuzibamba ngendlela ajabule ngayo njengoba izinto zihamba ngendlela afisa ngayo.
“Wonke umuntu osemkhakheni esikuwona ufisa ukuthi abe nemisebenzi ehlukene ayenzayo ukuze kungene imali eyanele bese kuba nokuthi igama lakho lihlale lisematheni kubantu ngakho ukujoyina lolu hlelo ngikubona njengenhlanhla enkulu ngenxa yokuthi sengizobonakala izinsuku eziyisithupha ngesonto kwithelevishini, lokho kukhulu kakhulu kimi. Akugcini nje lapho ngoba kwakuyiphupho lami ukuthi ngibe yingxenye yalolu hlelo eminyakeni edlule kodwa ngenxa yeminye imisebenzi engangiyenza kwakungenzeki kwakuzoshayisana isikhathi,” kusho uKhaya.
Uthe ngesikhathi sekuvela isikhathi manje ulithathe ngezandla zombili ithuba.
“Yize kuhlukile kakhulu kunengikujwayele okwenzeka kulolu hlelo ngendlela okushuthwa ngayo kodwa nje nakho lokho kusho ukufunda into entsha kimi. Ngizibona ngikhula kakhulu kulo mkhakha njengoba ngisemsakazweni futhi, ngakho ngiyabona ukuthi uJehova uvumile,” kusho yena.
Uthe abazokubona abantu kwiOPW ukubona uKhaya abamjwayele yize iziqephu zihlukene kukhona lapho bezobonakala khona bekhala, bejabula futhi kuba nemizuzu ehlukene, kodwa ezokwenza uhlelo lujatshulelwe ngabaningi.
Kule sizini entsha uKhaya uzobambisana noLaChonco noNomsa Buthelezi-Shezi.