UKHALA izinyembezi uma echaza ngebanga aselihambile elimlethele okuhle nokubi empilweni yakhe uSne Msomi odume ngelikaSneziey njengoba ezobamba ikhonsathi lakhe lokuqala lomculo wokholo eThekwini.
USneziey waseMlaza, kodwa osezinze eKapa kuzothi ngo-Ephreli 26, ajabulise abalandeli bakhe ngomculo eThe Station Urban.
Lolu hambo olwaziwa ngokuthi iSibonga Umusa Tour, uSneziey uveze ukuthi ukuphuma kwakhe ohlelweni lwama-Idols kuningi akade efuna ukukuxoxela abantu nosekufike isikhathi manje.
“Ngifisa ngabe ugogo wami ukhona abone impumelelo yami. Kodwa okungijabulisayo ukuthi ngizobe ngikhombisa umsebenzi wami ngokuhlanganyela noJumbo, Dumi Mkokstad noMalusi Mbokazi.
“Ukuba nekhonsathi yinto endala engangifuna ukuyenza ngakho ngifezekisa iphupho lami leminyaka.
“Manje ngingasho ukuthi kuvume isikhathi ngenxa yokuthi ngangike ngakucabanga ukwenza umcimbi ofana nalona kodwa kwangenzeka nengibona ukuthi manje isikhathi sifikile,” kuchaza yena.
Uthe kuningi akuthembisa abantu abazohambela lo mcimbi njengoba kuzoba khona umculo nezindaba ezithinta impilo yakhe ezimehlele.
“Ngiyanxusa ukuthi abantu bayothenga amathikithi njengoba esekhona eWebticket nasePick n Pay asukela kuR300. Ngizokhuluma ngokuthi kwenzakalani empilweni yami kusuka ngaphuma ohlelweni ama-Idols SA, kuze kube manje.
“Kukhona izimo ezibuhlungu engidlule kuzona nenjabulo- ke kodwa ibe ningi, ngakho ngithi abathandi bomculo wami abazodumisa nami kusukela ezingomeni eziku-albhamu yami yokuqala nalena yamanje,” kuchaza yena.
Uthe uzophinde acule izingoma angakazikhiphi ngayo injongo yokuzwisa abalandeli bakhe umsebenzi awenzayo emculweni.
Uveze ukuthi leli khonsathi lilungele wonke umuntu kodwa ikakhulu abafuna ukuzombongisa empumelelweni yakhe emculweni.