U-DJ odabuka eMlaza, uNkosinathi Innocent "Black Coffee" Maphumulo, uphinde waqwaqwada ozakwabo bamazwe ngamazwe kuma-9th Golden Moon Awards.
UBlack Coffee (48) uhlabane ngomklomelo weWorld's Best DJ 2024. Lezi zindaba zidalulwe ezinkundleni zokuxhumana ngabagqugquzeli balo mqhudelwano wezindondo i-Nightlife International.
"Bayede Black Coffee waseNingizimu Afrika ngokuhlabana kuma-Golden Moon Awards emkhakheni weWorld's Best DJ 2024! UBlack Coffee uyakhonya eshashalazini lomhlaba ngenxa yezimanga azigilayo ngokudidiyela isigqi se-Afro house esilumbaniswe ne-deep, soulful grooves ehlaba umxhwele abantu abaningi basemhlabeni jikelele."
Abagqugquzeli babuye bengeza ngokuthi uBlack Coffee uyingqalabutho eyinxusa eliqhubeka nokufaka ugqozi nokuhlanganisa izigidi emhlabeni ngomculo wokujuxuza. "Ngakho uwufanele ngempela lo mklomelo."
Isolezwe lithole ukuthi lo mqhudelwano kwakufanele ubanjelwe eSpain, ngoLwesithathu, kodwa wahoxiswa ngenxa yesiphepho esidale umonakalo, kwagcina sekumenyezelwa abanqobile ezinkundleni zokuxhumana.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaBlack Coffee ayiphumelelanga.
UBlack Coffee wengeze le ndondo emiklomelweni ewu-8 ayihlomule kuma-South African Music Awards, emine ahlabane ngayo kuma-DJ Awards, emibili ayithole kuma-Metro FM Music Awards neyodwa ayiwine kuma-Grammy Awards.
Kusukela ngo-2020, uBlack Coffee uzidlela amahlanga endimeni yokudijeya.
Ngokusho kwephephabhuku elihlonishwa umhlaba wonke i-DJ Mag's DJs, kusukela ngo-2020, uBlack Coffee usuke kunombolo 91 waya ku-68 ngo-2021 ngokukleliswa. Usuke lapho wakleliswa kubombolo 38 ngo-2022. Ngonyaka owedlule, uBlack Coffee ubekleliswe kunombolo 25 ohlwini loDJ abawu-100 abahamba phambili emhlabeni jikelele.
UBlack Coffee akafuniseli ngomculo njengoba enza izifundo zomculo eTechnikon Natal, osekuyiDurban University of Technology, ngaphambi kokuphelezela ngephimbo inkakha emculweni we-jazz, uDkt Madala Kunene.
Ngokubambisana nayefunda nabo, uThandukwazi "Demor" Sikhosana noMnqobi "Shota" Shoba, uBlack Coffee wasungula iqembu le-Afro pop, iShana.
Ngo-2003, uBlack Coffee waqokwa ukuba abambe iqhaza kwi-Red Bull Music Academy, okuyilapho acijeka khona kabanzi ekhonweni lokudijeya.
Ingoma eyamveza njengoDJ wumucu wakhe osihloko sithi Happiness owabandakanywa ecwecweni i-DJs at Work kodwa wagqama kakhulu ngokudidiyela kabusha ingoma kaHugh Masekela ka-1972 ethi Stimela ngo-2005. Kusukela lapho uBlack Coffee ubengasabambeki.