IYAZETHEMBA intokazi emele isizwe samaZulu kwiNdoni Miss & Mr Cultural SA 2023 e-Indoni Eco Village, eRichmond, ngoDisemba 16.
UBagezile Mncube (20) waseNyanyadu, eNewcastle, uthe kuye kusho lukhulu ukubamba iqhaza kulo mqhudelwano obophele zonke izizwe zabantu abamnyama ezidabuka e-Afrika.
"Ukumela isizwe samaZulu koweNdoni kusho ukuba yisibonelo kuwona wonke umuntu omusha. Kusho ukuba wumholi kuwona wonke umuntu onamaphupho amakhulu ngoba ngifisa wonke umuntu wesifazane osemakhaya abukele kimina ukuthi konke kuyenzeka. Umuntu ongakuvimba nguwena uqobo ngokufinyeza ingqondo yakho. Ukuthi uvelaphi, uzalwa ngubani, ngeke kukuvalele ndawo. Kuhle wena uqale unyakaze."
UBagezile uthe uqale ukulubalubela ukungenela umncintiswano weNdoni eseyingane.
"Kusukela ngineminyaka eyishumi nanye emuva kokulubuka uhlelo lweNdoni, ngazitshela ukuthi akukho okuzongivimba. Nami ngiyintombi, uma ngingeyiyo manje ngiyoze ngibe yiyo edingekayo ukuthi imele isizwe," kusho le ndoni yamanzi eyenza izifundo zePerfoming Arts eTshwane University of Technology (TUT).
UBagezile uqhathwe noHadio Mofokeng omele abeSuthu, uRotondwa Mudzanani omele abaVenda, uSlindile Mtshali omele amaSwati, Ntsakelo Mukhabele omele amaTsonga, Inako Mateza omele amaXhosa, Aziwe Mpame omele Abathembu, Mandisa Sikhosana omele amaNdebele noBukho Ndabeni omele amaMpondo.
Ngaphandle kokubamba iqhaza kwiNdoni, uBagezile unenhlangano evumbulula futhi ithuthukise amakhono entsha iYNK Family. "Iphinde ilwe nobubha emphakathini ngezindlela zonke ezikhona."
"Nginebhizinisi lezinkukhu eziqalwa ukukhuliswa kusuka ekubeni ngamatshwele kuze kufike ekubeni yinkukhu bese zidayiswa khona ngakithi. Ngalo ngizokwazi ukwakha amathuba emisebenzi, ngiphinde ngiqinisekise ukuthi inyama esiyidlayo ikulungele ukudliwa."
Izintokazi nezinsizwa ezidlana imilala zizobuye zibambe iqhaza kwiNdoni Cultural Festival ezosukela eSports Complex, ihambe emgwaqweni uNelson Street bese imbenge iphothulwa eNdoni Eco Village.
Amathikithi okuthamela lo mcimbi abiza uR200 ePick n Pay nakwaBoxer Supermarket.