ABAKWAM-NETsebekuqinisekisile ukuthi uyashiya emdlalweni, iGomora, uMoshe Ndiki obelingisa indawo ka-Andile Faku.
Baveze ukuthi ukushiya kwalo mlingisi akukhona ukuthi bekunenkinga ngaye kepha bese kufike isikhathi sokushintsha komdlalo. Lokhu bakusho njengoba kunamahebezi athi uMoshe uxoshwe ngemuva kwengxabano abe nayo nabathile kulo mdlalo.
Kwenzeka lokhu nje uMoshe usanda kuhilizisana nombhali wezindaba zosaziwayo enkundleni iTwitter, uMusa Khawula, ngemuva kokubhale ngaye.
Ngemuva kwalesi sigameko uMusa wanxusa abantu ukuthi basayine isikhalazo esasinxusa abeGomora ukuthi baxoshe uMoshe. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMoshe ayiphumelelanga.
UShirley Adonisi wakwaMNet uveze ukuthi abantu kumele bakuqonde ukuthi emdlalweni abalingisi bayafika baphinde bahambe, nakuMoshe kwenzeke lokho.
“Umdlalo uyashintsha futhi iziqephu ziqoshwa ezinyangeni ezimbili noma ezintathu ngaphambi kokuthi zikhonjiswe. Ukuxoshwa kukaFaku ngokomdlalo kwenzeka kudala, singakenzeki isigameko sokuxabana kukaMoshe noMusa ngakho-ke azihlangene lezi zigameko futhi azisithinti thina kanjalo nomdlalo. Ukuhamba kwakhe ngeke sisho ukuthi ngeke aphinde abonakale kulo mdlalo, usengabuya uma nje edingeka emdlalweni noma indawo yakhe isivuka futhi,” kusho uShirley.
UMoshe uqale ukubonakala kulo mdlalo ngoMeyi elingisa indawokathisha ofundisa eGomora. ofundisaofobusemasontweni adlule, eMzumbe.