KUYAMJABHISA umsakazi omusha weGagasi FM, uNelisiwe Sibiya okushiwo ngaye. Uzwakalise ukungenami ngesenzo sabantu abathi kukhishwe uPenny Ntuli, kwafakwa yena esikhaleni.
Lindiza emoyeni igama likaNelisiwe Sibiya, ezinkundleni zokuxhumana. Kukhona abambongelayo ngokuthola umsebenzi kwiGagasi FM, abanye bayamgxeka ngokuthi uthathe indawo kaPenny Ntuli.
“Yazi ingiphethe kabuhlungu into eyenziwa ngabantu. Kumanje igama lami ligcwele yonke indawo kushiwo okungekhona ngami. Nanti ibhadi lami bo,” kusho uNelisiwe.
Yize abantu besho kanje kodwa akulona iqiniso ukuthi uNelisiwe ungene esikhaleni sikaPenny kodwa unikwe uhlelo olusha lapho ezongena ngo-6 kuya ku-10 ebusuku ngeSonto. UPenny ubesakaza olunye okungene omunye umsakazi omusha kulona.
UNelisiwe ongumculi, umlingisi nosomabhizinisi, uthe ujabule kakhulu ngokungena kwiGagasi okuyinto akade ayeyifisa ukuthi abe ngumsakazi. Uthe uzokwenza isiqiniseko sokuthi uyiqhuba ngendlela yonke imisebenzi yakhe njengoba ezongena usuku olulodwa kwiGagasi FM.
Le ntokazi yaseSikhawini, ike yaba ngumlingisi kuMkhokha: The Curse lapho ibidlala khona indawo yokuba ngummeli.
Yazakhela udumo ngokukhipha i-albhamu yezingoma ezazisetshenziswa emdlalweni wethelevishi iLockdown kaMandla N. Ingoma azakhela ngayo udumo ithi Mama kaBafana, futhi ukhunjulwa kakhulu ngayo. UNelisiwe waziwa ngokuba yi-Influencer yamabhinca ezinkundleni zokuxhumana ngoba uhlala egqugquzela izinto zesintu futhi uyazigqaja ngokuba yintombi yomZulu.
Ezibongela uthe uyazi ukuthi abantu bafisa ukwazi nangempilo yakhe yangasese ngoba ujwayele ukuhambela umhlanga lapho izintombi nto, zisuke zihambise umhlanga kwiNdlulamithi, iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Okhulumela Igagasi FM, uKhulekani Shandu uthe yize bebheka ikhono lomuntu okumele abe ngumsakazi kodwa bayakholelwa ekutheni banike wonke umuntu ithuba. Uthe bathathe uNelisiwe njengomunye wabantu abaziwa ngokuba amaMedia Influencer, ngenhloso yokuthaka lonke uhlobo lwabantu kulo msakazo, futhi bajabule kakhulu ngokuba naye.
UNelisiwe unenkampani ebolekisa ngemvunulo iMandulo House, ebuye ivunulise abantu uma beya emcimbini, ibaphaqulule ubuso.