IDALE umonakalo omkhulu inkanyamba ehlasele ngoLwesithathu emini eToekomsrus, Mohlakeng, eRandfontein. Izingxenye zenxanxathela yezitolo, umphakathi kanye namafulethi aqashisayo aseduze kusale konakele kuphephuke uphahla. AKutheleke abasebenzi bezimo eziphuthumayo kule ndawo.
I-Joint Operations Centre eGauteng (JOC) ithe ithole imibiko yokuthi kunenkanyamba ehlasele izingxenye ezithile ngoLwesithathu ntambama, eRandfontein.
“Mukhulu umonakalo obikiwe kanti abezimo eziphuthumayo bayasiza. I-South African Weather Service izokhipha imininingwane engeziwe,” kusho i-JOC.
Tornado/storm over parts of Randfontein, West Rand. pic.twitter.com/HOjXu3Dnpb
— Yusuf Abramjee (@Abramjee) November 27, 2024
Tornado in Randfontein, South Africa
— Disasters Daily (@DisastersAndI) November 27, 2024
Tornado caused extensive damage to the properties.
November 27, 2024 #tornado #SouthAfrica pic.twitter.com/8OXsc2cHeS