SITHOLE uchatha kaR10 million isikhwama esibhekelele izidingo zeSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini nendlunkulu kaZulu, iZulu Royal Household Trust.
IZulu Royal Household Trust inikezwe imali eyengeziwe ukuze ikhokhele izindleko zabameli beSilo, ibhekane nezindleko zokwanda kohlu lwabahlomula esikhwameni.
Ukwengezwa kwemali kumenyezelwe nguMphathiswa wezeZimali, uMnuz Francios Rodgers, ngesikhathi ethula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali, asethule izolo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Ekuqaleni konyaka wezimali isikhwama sabelwa u-R77.5 million ngesikhathi uNdunankulu uMnuz Thami Ntuli, ethula isabelomali sehhovisi lakhe.
URodgers uthe amacala ombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu enze ukuba isikhwama sidinge imali eyengeziwe.
Uthe nokufakwa kondlunkulu beSilo uMisuzulu ohlwini lwabahlomulayo nakho kwandise izindleko.
Isikhwama siphinde sibhekelele izidingo zondlunkulu nabantwana beSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
URodgers uthe umthetho uyabaphoqa ukuba bazikhokhele lezi zindleko.
Uqhube wathi ukuba kuya ngaye ngabe indlunkulu izingenisela imali ngamabhizinisi, nathe bekuzokwenza ukuthi ingalindi ukunikwa imali uhulumeni.
“Yingakho nje kade nginomhlangano neMbube, lapho sikhulume khona ngezithinta ezamabhizinisi. Kusukela ngiseseqenjini eliphikisayo, bangihlezi ngiyishumayela eyokuthi kubalulekile ukuthi iSilo sibe namabhizinisi ukuze singezukulinda osopolitiki.
“Ngikholelwa kakhulu kwezolimo, nezokuvakasha. Ngifuna sibe nezinhlelo zokubuyisa izivakashi eziqhamuka eBritain. Lezi zivakashi bezifika lapha, zivakashele eThekwini, eziqiwini kanye nalapho kwalwa khona izimpi zamaNgisi. Ngifuna zibuye lezo zivakashi,” kuchaza umphathiswa.
URodgers uqhube wamemezela ukuchathazelwa kweminyango ehlukene.
Umnyango wezeMfundo wengezelwe ngo-R95 million ukubhekelela uhlelo lokuphakelwa kwabafundi ezikoleni.
URodgers uthe imali eyabelwe lolu hlelo ayanele ukubhekelela bonke abafundi abahlomula ngaphansi kohlelo.
Umnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu wengezelwe ngoR69.3 million.
Kule mali kukhona uR35.1 million wokuqedela uhlelo lokukhokhwa kwesikweletu sezinduna, noR30 million wokulungiswa kwamatransformer kagesi ezindaweni esezihlale isikhathi eside zingenawo ugesi.
Lawa matransformer angaphezu kuka-200 aseThekwini, uMgungundlovu, Ugu, ILembe, naseMkhanyakude.
URodgers uthe uhulumeni waKwaZulu-Natal uthathe isinqumo sokukhokhela amatransformer ngenxa yokwanda kwemibhikisho yabantu abakhala ngokuhlala isikhathi eside bengenawo ugesi.
Uphethe ngokuth ngenxa yesimo sezimali esingesihle, abakwazanga ukwengezela yonke iminyango ebicele ukwengezelwa.