INKAKHA yentatheli uNoxolo Grootboom, ithe ayicabanganga kaningi ngesikhathi iphinda ithola ithuba lokubuya izofundela abantu bakuleli izindaba eziqale izolo esiteshini iMzansi Wethu ngo7, ebusuku.
UNoxolo eminyakeni emibili edlule wathatha umhlalaphansi kulo mkhakha wezindaba eSABC ngemuva kweminyaka ewu-37 eyibambile.
Emasontweni ayisithupha azayo uNoxolo uzobonakala efunda izindaba zesiXhosa njengoba ezobe ebambele uLisakhanya Pepe, osayobeletha. Kuyothi uma uLisakhanya esebuyile, uNoxolo bese egxila emsebenzini wokuphekwa kwezindaba ngemuva. ULisakhanya washiya umsebenzi wokufunda izindaba zesiXhosa e-SABC ngoFebhuwari wajoyina uphiko lwezindaba iNewzroom Africa.
Ekhuluma ngokubuyela kulo mkhakha uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi uzosebenza nentsha ezobe iyibambile iminyaka ezayo, wathi ujabulele ukuthola leli thuba elincane.
“Lamasonto nje ambalwa engiwatholile okuphinde ngifunde izindaba asho lukhulu kimina. Ngizogxila kakhulu ngemuva ngeke ngize ngibonakale ngaphambili la zizobe zifundwa khona, okwamanje ngizobambela uLisakhanya kuyothi uma ebuya bese ngiyashenxa. Ngesikhathi ngishiya eSABC ngangithi sengiyohlala ekhaya, ukuphinda ngithole leli thuba kuveza ngokusobala ukuthi isikhathi sokuthi ngishiye besingakafiki njengoba sengiphinde ngabuya futhi, ngizizwa ngithobekile kakhulu,” kusho uNoxolo.
Uthe okunye okumjabulisayo ukubona kuphinde kugqanyiswa lezi zilimi zombili emkhakheni wezindaba nosekwenziwa intsha.
“Nathi nabanye esaqala nabo lo mkhakha kudala sekuyacaca ukuthi sasivulela bona indlela, kanjalo nabo manje bavulela esinye isizukulwane indlela ngijabule ngendlela engachazeki,” kuchaza yena.
UThabile Ngwato ongomunye wabasunguli balezi zindaba uveze ukuthi ekuhambeni kwesikhathi nakanjani bazobheka amanye amathuba okuvulela ezinye izilimi.
“Siyaziqhenya ngokuphinde sinikeze abantu bakuleli ithuba lokuzibonela izindaba ezenzeka ezindaweni ezehlukene kuleli lakithi. Ayikho enye indlela ebesingenza ngayo kunale esiyiqalile manje yokwethula izindaba ngezilimi ezimbili ezikhulunywa kakhulu la eMzansi, isiZulu kanye nesiXhosa. Sizizwa sithobekile kakhulu ngokuba noNoxolo ethimbeni lethu njengoba ezoqhubeka nokuvulela intsha elandelayo izindlela zokungena kulo mkhakha,” kusho yena.
Ithimba elizobonakala lethula lezi zindaba kubalwa kulona uLisakhanya Pepe, Thabile Mbhele, Dicksy Mdlalose, Thabile Makapela, Pumza Sikumbe noKhethukuthula Makoatsane.