UPHROJUSA wohlelo olusanda kuba undabamlonyeni, olubheka udaba lwabashadikazi abanezinkinga, oluthi Ngishade Wrong, uthe yilolu hlelo olubagqugquzele ukuthi baqhamuke nolusha oluthi Ubuthe Uzobuya.
UMpho Lengane uthi izinkinga ezithinta imindeni nabashadikazi zibavule amehlo ekutheni basungule lolu oluzoqala kwiShowmax kusuka ngo-Okthoba 29.
Ekhuluma ngalolu hlelo, uthe izindaba zabantu besilisa abashiya amakhaya beyohlala emadolobheni ukuze bayobheka amathuba, bagcine beshiya imindeni yabo emuva zifike kubo zabaningi zabashiya bebambe ongezansi.
“Amadoda uma siqala sibheka izinhlelo zokuqopha lolu hlelo, sabona ukuthi yiwona anele nkinga kunabesifazane. Kulolu hlelo kuzobonakala abesifazane besicela ukuthi siyobabhekisa abantu abashade nabo abahamba beyosebenza bangaphinde babuya. Esikuthole kakhulu ukuthi laba besilisa bahamba kukuhle futhi bafike emadolobheni basebenze bathumele imali kodwa ngokuhamba kwesikhathi banyamalale unomphela, bangabe besayithumela naleyo mali,” kusho uMpho.
Uthe izindaba ezizobonakala isiqephu ngasinye zicishe zifane nokuzokwenza uhlelo ngalunye ababukeli balulinde ngabomvu.
“Iningi lamadoda liveze ukuthi izinto ezibenza bahambe emakhaya ukuzizwa benganconywa ezintweni ezinhle abazenzayo. Abesifazane bona baveze ukuthi izinto ezibenze bashiya amakhaya ukuthi abesilisa abakade bebambisene nabo bebengathembekile, izinkinga zemali kanye nokuhlukunyezwa,” kuchaza yena.
Uthe bakhethe uTshepo njengomethuli wohlelo njengoba ebehlule bonke abanye abebezozama inhlanhla ngenxa yokuthi ubebenza bakhululeke akade bexoxa futhi ekwazi ngendlela enomoya ophansi ukuxazulula izinkinga.
Uthe abantu abazojabulela lolu hlelo abanemibuzo efanayo nabangasizakala ekutheni bathole ithuba kubantu ababashiya namanje abakangaze bahlangane nabo.