ISILOMO somsakazi woKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe, sithi sizothatha izinyathelo zomthetho uma abahleli bomcimbi, iYakhuphuka Ingqwele Coronation, beqhubeka nokusebenzisa igama laso ngoba akukho okumhlanganisa nawo.
NgoLwesithathu ntambama, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, kwethulwe lo mcimbi okuthiwa uzoba seMoses Mabhida Stadium ngoSepthemba 30.
Kuthiwe ngowokuhlonipha iSilo uMisuzulu kaZwelithini. Kuneminxa lapho kuqhathwe khona abaculi bakamaskandi ukukhetha inkosi, umunxa wokukhetha inkosi yamabhinca, owokukhetha umelaphi wendabuko ohamba phambili nowomculi ohamba phambili.
Igama likaTshatha lifakwe emunxeni kamengameli wamabhinca. Uqhathwe noGudlabatshakazi, Quality Biyela, Bheki Cele, Bheka Mchunu, Khuzani Mpungose, Nkosinathi Mshengu, Ngizwe Mchunu noMdonso Ngcobo. UZimdollar kubhalwe ukuthi akakwemukelanga ukuqokwa.
“Angimazi umhleli wale nto kodwa uthumele uTJ Mthembu kimi kuthangi ukuthi abantu baphakamise igama lami. Uthumele ifomu yokuthi ngisayine uma ngivuma. Ngishilo ukuthi anginayo intshisekelo, wawudlulisa nomyalezo kubo,” kusho uTshatha owethula uhlelo iWoza Nabangani Bakho ngo-3 kuya ku-6 ntambama, phakathi nesonto.
“Angizoba yingxenye yayo. Nale nto yokuthi amabhinca anomengameli asiyazi, siyibone ezinkundleni zokuxhumana. Ngeke ngibe yingxenye, abangisize bakhiphe igama lami.”
Uthe unqabe ngisho emenywa esithangamini nabezindaba ebesise-ICC ngoba engafuni okumhlanganisa nomcimbi.
“Lo muntu ufuna ukudayisa umcimbi ngamagama ethu. Uma beqhubeka bengalikhiphi ngizothatha izinyathelo zomthetho.”
Unxuse abalandeli bakhe ukuthi bengalokothi bamvotele ngoba uyobatshela yena uma kukhona lapho acela bameseke khona.
Imizamo yokuthola okhulumela abagqugquzeli bomcimbi, uThobani Manyoni, ayiphumelelanga izolo, njengoba inombolo yakhe ibingangeni.
Esithangamini nabezindaba uManyoni ubethe: “Kunabantu abangakaphenduli ukuthi bayakwemukela yini ukuqokwa noma cha.”